IMEYA kaMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase noMphathiswa wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, behlola lapho kwenzeke khona ingozi
Image: Sithunyekwe
KUSOLWA ukuthi ubanjwe isithongwane umshayeli webhasi okushone kuyo amalungu e-EFF angu-10.
Abasinde engozini eyenzeke ngoMsombuluko, ngaseVryheid, bathi umshayeli webhasi ubebukeka ebanjwe ubuthongo ngesikhathi ibhasi ebithwele amalungu e-EFF ishayisana neloli
Amalungu e-EFF abebuya emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha obuseKing Zwelithini, eMlaza, eThekwini.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uyena othule inkulumo yosuku kulo mcimbi wangoMsombuluko.
Kule ngozi kulimale inqwaba yabantu, ababili kuthiwa basesimweni esibucayi.
Osinde kule ngozi, uMnuz Lindizwe Zungu, uthe ubesathathe isihlwathi ngesikhathi behlelwa yingozi.
"Abantu basho okuningi, abanye bathi umshayeli webhasi ubezama ukudlula enye imoto kanti abanye bathi ubeseficwe ubuthongo."
UZungu uthe yena uphaphame abantu abehamba nabo sebekhala ubumayemaye.
"Ngiphaphame sekukhala abantu besimame, abantu bememeza. Abantu bebekhala ngapha nangapha."
UZungu, okunguye obehlela uhambo lwabasuka eVryheid, uthe usekude ukukhohlwa isiphihli asibonile.
"Namanje angazi ukuthi kufanele ngithini. Bengiqala ukubona isiphihli esinje. Ngithe ngiyaqalaza abantu ebengihamba nabo, ngabona ukuthi sebeshonile."
UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe bazophenya ngembangela yengozi, wathi umshayeli webhasi noweloli basesibhedlela.
"Sesixhumanile namaphoyisa ukuba asondele eduzane. Lokhu senzela ukuthi abe seduzane uma kuba nesidingo sokuthi amaphoyisa ahlole labashayeli ukuthi bebengaphuzile yini ngesikhathi kwenzeka ingozi. Okwamanje kusaphenywa icala lokubulala ngokungenhloso."
IMeya kaMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, ikhale kakhulu ngomthelela wamaloli amakhulu ahamba kulo mgwaqo.
UNtshangase uthe zonke izingozi ezenzeka kulo mgwaqo zibandakanya amaloli.
"Sinxusa iziphathimandla ukuba zilusukumele udaba lwamaloli asebenzisa lo mgwaqo. Isikhathi esiningi uma kunengozi ethatha imiphefumulo eminingi kusuke kukhona neloli. Asazi ukuthi ikuphi iziphathimandla zomgwaqo ezingakwenza."
Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, ufanise amalungu aphangalele namasosha afele emsebenzini.
"Silahlekelwe amalungu abezinikele emzabalazweni wokuthuthukisa abantu abamnyama. Bashone bephuma ukuyokweseka umzabalazo wokuthuthukisa abantu abamnyama. Silahlekelwe impela."
UThambo uthe bazokweseka imindeni yamalungu ashonile.
Amaqembu ezepolitiki okubalwa kuwo i-ANC ne-IFP adlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe.
Ezingozini ezenzeke kule minyaka eyedlule eVryheid kwashona amalungu e-ANC kwenye kwashona nawe-IFP.
Related Topics: