Izindaba

Basola umona kungqoklozwa usomatekisi

Simphiwe Ngubane|Published

OBENGUSOMATEKISI owaziwayo KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlaselo Khanyile, udutshulwe washona eNkandla Isithombe: SITHUNYELWE

USOLA umona nokuvukelwa ngabantu abasembonini yamatekisi ayebasiza, umndeni kasomatekisi waseNkandla, odutshulwe washona ngoyaba lwezinhlamvu.

UMnuz Nhlaselo Khanyile (74), udutshulwe ngoMsombuluko ntambama emgwaqweni uP50, eMadiyane, eNkandla, ngasesikole eMthiyaqhwa High.

Kungozi makhaza esibhedlela kowesifazane abemgibelise evenini adutshulwe ehamba ngalo, iToyota emhlophe.

UKhanyile udutshulwa nje, bekusaphele izinyanga ezimbalwa kudutshulwe kwabulawa indodana yakhe uMnuz Sibongiseni Khanyile, ebibambe iqhaza emsebenzini wamatekisi.

Lokhu kudalulwe wumndeni kaKhanyile, othi ufe olwembiza ngokushona kwakhe bamchaza njengendoda ebinohlonze, ihlonishwa futhi ebisebenzela umphakathi.

Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuba ligodlwe igama lalo ngenxa yezokuphepha, bathole ukuthi uKhanyile uvukelwe ngamadoda aqale amshayelisa kabi azama ukumdlula emgwaqweni.

IVENI iToyota adutshulwe ehamba ngayo washona uMnuz Nhlaselo Khanyile, obengusomatekisi waseNkandla Isithombe: SITHUNYELWE

Kuthiwa kuthe uma eseqondene naye avulela ngentululwane yezinhlamvu ebhekise kuyena watholwa ngeziyisishagalolunye, washonela endaweni yesehlakalo.

“Sisola umona nokujikelwa ngabantu abasizwe nguKhanyile abanye asebefuna ukuphatha bazenzele umathanda ezintweni abengahambisani nazo. Ubeyindoda enohlonze njengoba kuhambe yena ziningi izinto abezilungisa esezizokonakala,’’ kusho ilungu lomndeni.

Kuthiwa uKhanyile ubenamatekisi angu56, ebambe iqhaza kososeshini abehlukene eNkandla, eThekwini nakwezinye izingxenye zesifundazwe.

Umndeni uthe ubehlonishwa ngamakhosi, uMasipala waseNkandla nezinhlaka ezehlukene zikahulumeni.

OBENGUSOMATEKISI owaziwayo KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlaselo Khanyile, udutshulwe washona eNkandla Isithombe: SITHUNYELWE

Kamuva uKhanyile ubesekhaleni lemibhikisho eyavala thaqa iNkandla, ngesikhathi umphakathi ubhikishela ukulungiselwa umgwaqo.

UKhanyile kuthiwa ubenezingane eziyisikhombisa, ezimbili zabafana sezashona. Inkosikazi yakhe kuthiwa yashona ngoFebhuwari ngo-2016.

Kamuva kunezigameko eziningi esezibikiwe zokuhlaselwa kosomatekisi KwaZuluNatal.

Umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Shangase, uthe isihlava nefu elimnyama elihlasele imboni yamatekisi kabazi ukuthi livelaphi. Uthe lokhu kubulawa kosomatekisi kubulala uzinzo nomgqigqo wezinto eziya phambili.

“Ubuholi bese busebenze kanzima budala uzinzo. Intuthuko asisayiboni ngoba silokhu silwa nodlame. Ake kuvuke onembeza manje, ukubulawa komuntu makungabi sengathi kubulawa impukane. Ukungaboni ngaso linye akusho ukuthi sekumele kuphume umphefumulo,” kusho uShangase, wengeza ngokuthi kumele kuhlalwe phansi kuxoxiswane.

Udllulise amazwi enduduzo emindenini yosomatekisi ababulewe, wanxenxa amalungu omphakathi angaba nolwazi mayelana nalezi zigameko aludlulisele emaphoyiseni kuboshwe izigilamkhuba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseNkandla aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala ngemuva kokuhlaselwa kwabantu ngoMsombuluko.

Uthe kulesi sehlakalo kushone owesilisa futhi kayaziwa imbangela yokuhlasel