Izindaba

Basola ukuthi usocongiwe oweNFP oshe nemoto

Sabelo Nsele|Published

Ishe yaphela kanje imoto okusolwa ukuthi kufele kuyona ilungu leNFP ebelingenele ukhetho, uMnuz Dumisani Qwabe Isithombe: Sithunyelwe

BASOLA ukuthi uqale wasocongwa ngaphambi kokuthi ashiswe nemoto oweNFP otholakale eseshe wawumlotha.

UMnuz Dumisani Qwabe, obengenele ukhetho ku-ward 17, KwaNongoma, kusolwa ukuthi yisidumbu sakhe esitholwe emotweni kamfowabo.

Lesi sidumbu ebesishe saphela, singasabonakali, sitholwe emotweni ngoMsombuluko ebusuku, emgwaqweni ophakathi kwakaNongoma nasoPhongolo.

Ubuholi beNFP busola ukuthi uQwabe uqale wabulawa ngaphambi kokuthi afakwe emotweni, wase eshiswa nayo.

Unobhala jikelele wale nhlangano, uMnuz Canaan Mdletshe, usenxuse amaphoyisa ukuba aphenye ngalesi sigameko.

"Sitshelwe ukuthi imoto ibinezimbobo zezinhlamvu kanti futhi bekunegazi endaweni yesigameko. Lokhu kusenza sisole ukuthi mhlawumbe uqale wadutshulwa ngaphambi kokuthi ashiswe nemoto.

"Lokhu kuyasikhathaza kakhulu njengoba kusele izinsuku ezinhlanu nje vo ukuba siye okhethweni. Phambilini njengenhlangano sike sanxusa ukuba kutshalwe amasosha nezinhloli ezindaweni ezithile KwaZulu-Natal ezaziwa njengo alubhadwa. Namanje siyaqhubeka naleli khwelo."

UMdletshe uthe isigameko siwathusile kakhulu amalungu enhlangano.

"Abangenele ukhetho sebephila ngokusaba kanti namalungu enhlangano aseyasaba ukuya kokhankasa."

Ilungu leNFP ebelingenele ukhetho lwamakhansela, uMnuz Dumisani Qwabe, okusolakala ukuthi ubulewe wase eshiswa nemoto Isithombe: Sithunyelwe

Kepha omunye wamalungu aqavile enhlangano eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe angeke bavumele lesi sigameko ukuba siphazamise izinhlelo zabo zokhetho.

"Sifisa amaphoyisa aphenye inhloso yokubulawa kwakhe kodwa ukubulawa kwakhe akuzukusenza ukuthi singayi kubantu ukuyokhankasela iNFP. Abantu bayasidinga kakhulu."

UNtombela uthe le ward ingenye abebeyibhekile.

"Empeleni bese siyibalile futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuthi siyayiwina ukuze kuzokuba nokhetho lokuchibiyela emva kokhetho lwangoMsombuluko."

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vish Naidoo, uthe sekuvulwe icala lokufa komuntu eliphenywa amaphoyisa asesiteshini iMagudu.

Uthe inhloso yaloluphenyo ukuthola ukuthi lona ofile ufe kanjani.

UNaidoo uthe njengamanje kusenzima ukuqinisekisa ukuthi lomzimba othalakele okaQwabe njengoba ushe wawumlotha.

“Yebo umnikazi wemoto usevelile. Ushilo ukuthi imoto ibisetshenziswa umfowabo ongenele ukhetho lwamakhansela. Kepha lolu lwazi alwanele ukuba sesingathi uye ngempela uQwabe lo oshe nemoto.”

UQwabe ungowesithathu kwabangenele ukhetho lwangoMsombuluko ukushona esifundazweni KwaZulu-Natal.

Mumva nje kudutshulwe kabulawa owe-ANC obengenele ukhetho eThekwini, uMnuz Siyabonga Mkhize.

Ukubulawa kwakhe kulanywe ukudutshulwa kubulawe owe-EFF obengenele ukhetho eMgungundlovu, uMnuz Thulani Shangase.