BASOLA ukuthi ubulewe uthishomkhulu okutholwe isidumbu sakhe silenga esihlahleni ehlathini eliseDumbe ngoMsombuluko emuva kokuthi eduke izinsuku ezimbili.
Umndeni kaMnuz Mbongeni Edward Mthethwa (45) obenguthishomkhulu eMahloni Primary, eVryheid, usola ukuthi ubulewe. Inkosikazi kamufi, uNkk Nolwazi Mthethwa, ithe akukho okuke kwabikwa wumyeni wakhe mayelana nokuthi kukhona angezwani nabo emphakathini noma emsebenzini.
“Wahamba ngoLwesihlanu waya emsebenzini engumuntu ozobuya wangabe esabuya. Bengingakaze ngisole lutho ukuthi bakhona abayizitha zakhe futhi kunzima ukuqagela imbangela yokubulawa kwakhe ngoba zonke izinto zakhe, kubalwa nemoto ebisenamasonto amabili eyithengile, ibiseduze kwesidumbu ngesikhathi etholwa,” kusho uNkk Mthethwa.
Uthe isidumbu somyeni wakhe sitholwe amaphoyisa, siphakathi ehlathini siboshelwe esihlahleni futhi kukhombisa ukuthi ulengisiwe.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa ePaulpietersburg.
Khonamanjalo kuphinde kwatholwa esinye isidumbu sikathisha (igama lakhe eligodliwe kuze kukhulunywe nomndeni), okusolwa ukuthi uzibulele ngokuzilengisa.
Uthisha (45), isidumbu sakhe esitholwe endlini yakhe eseGroutville ngawo uMsombuluko, ubefundisa esikoleni iTshelenkosi High kwaDukuza.
Umthombo okhulume neSolezwe obusondelene naye, umchaze njengomuntu obezwela kakhulu kangangoba ubehluleka ukwamukela uma ehlukane nathandana naye. Uthe imbangela yokuzibulala kwakhe yingoba ubexabane nengoduso yakhe obesekuphele amasonto amabili bexabene
“Ubengumuntu onothando olukhulu, ubengamukeli kalula uma ehlukane nomuntu athandana naye. Ngesikhathi exabene nengoduso yakhe igcine isilanda izimpahla zayo lapho bebehlala khona. Kusuka lapho ubelokhu etshela abathile ukuthi uzozibulala kodwa bemkhuza. Kubuhlungu ukuthi ugcine esezibulele ngempela,” kusho umthombo.
Uthe ubengaqali ukuba nemicabango yokuzibulala. Nangesikhathi ehlukana nonina wengane yakhe okungukuphela kwayo, uzame ukuzidubula kodwa bamkhuza.
“Kuleso sehlo ugcine esengeniswa esibhedlela ngenxa yokhwantalala ngoba wayemthanda kakhulu unina wengane yakhe,” kuqhuba umthombo.
Umchaze njemuntu obesebenza ngokuzikhandla wathi ubesanda kuphasa inhlolokhono yokuba yiphini likathishomkhulu, isikhundla angabange esakwazi ukusiphatha ngenxa yokuthi uzibulele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa KwaDukuza.