INGODUSO kaMnuz Sfiso Ngcobo obulewe, uNksz Phumzile Mkhize ithi abaphephile emuva kokubulawa komyeni wakhe ngoLwesibili ebusuku
KUVELE ukuthi ubesatshiswa ngokubulawa usihlalo waBahlali baseMjondolo, eKukhanyeni, eMariannhill, odutshulwe washona ngasemzini wakhe ngoLwesibili ebusuku.

UMnuz Sfiso Ngcobo (49) udutshulwe amahlandla amahlanu kade eyothenga i-drink esitolo ngakwakhe ngabo-7, washonela esibhedlela.

Izolo umphakathi nabenhlangano yaBahlali baseMjondolo bebegcwele emzini wakhe bezokhalisana nomndeni.

Ingoduso kamufi uNksz Phumzile Mkhize ithe bayasaba njengomndeni ukuthi bangahlaselwa nabo noma inini.

“Yize ngingeke ngakuchaza konke kodwa kukhona abake bamsabisa ngokumbulala ngoba babengathandi ukuthi ulwela umphakathi ukuba ube nomhlaba abazokwakha kuwo amakhaya,” kusho uNksz Mkhize.

Uthe uNgcobo uphume kade beqeda ukudla isidlo santambama wathi uyothenga isiphuzo ngoba ebesikhona besincane.

“Uthe ephuma nje ngezwa kuqhuma isibhamu amahlandla amahlanu. Ngithe ngiphuma emnyango kwakhona owesifazane ongivimbile ethi sekonakele. Ngibone ingane encane idlula igijima ngabuza yona ukuthi ubani odutshulwayo. Ivele yathi uBaba uNgcobo, ngigijimile ngaya kuyena, ubesopha kakhulu, ubedutshulwe kaningi. Ushonele esibhedlela,” kusho uNksz Mkhize ekhala. Uthe usele nendodakazi yabo eneminyaka engu-11.

“Uyena obondla la ekhaya, njengoba sekubulawe yena asazi nokuthi sizokwenzenjani,” kusho uNksz Mkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseMariannhill avule icala lokubulala, akekho oboshiwe kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Usihlalo jikelele nomsunguli wenhlangano yaBahlali baseMjondolo uMnuz S’bu Zikode kade ezobhonga emswaneni kwaNgcobo uthe abangabazi ukuthi umufi ubulawelwe indaba yokulwela umhlaba.

“Noma besibulala kodwa ngeke basiqede. Siyazi ukuthi kunempi ebhekiswe kule nhlangano ngoba silwela umhlaba ukuba ubuyele kubantu, kukhona abangakuthandi lokho. Sifuna uMengameli kuleli asungule uphenyo ngalokhu kubulawa, ngoba kuyaqhubeka. Sebebaningi abantu kule nhlangano bebulawa kuthuleke nje,” kusho uZikode.

Ugxeke kakhulu nomasipala ngokuba nomthelela wokubulawa kwabantu. Uphinde wakhala ngokudutshulwa kwabanye abantu okuthiwa kwenziwe onogada bakamasipala abasuke belethwe ukuba bazodiliza imijondolo yabantu.

Uthe uMnuz Ndumiso Mnguni ungomunye obangwa nezibi esibhedlela kulandela ukudutshulwa kwakhe ngoLwesithathu emijondolo kuForeman Road, eClare Estate, eThekwini.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ithumele isitatimende kwabezindaba lapho ikhalise khona umndeni wakwaNgcobo ngokubehlele.

“Sikhathazekile ngokubulawa kukaNgcobo, sifisa amaphoyisa aphenye ukuze abasolwa baboshwe,” kusho uNkk Gumede.

Uthe kuyishwa nokho ukuthi kukhona abaholi benhlangano yaBahlali baseMjondolo abenze izinsolo ezibhekiswe kumasipala kodwa bengenabo ubufakazi.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele umndeni kaNgcobo bekuqhuma isililo njengoba ezinye izihlobo beziqala ukufika. Nomakhelwane nabo bebeqhumisa esabo isililo.

UNksz Debra Maxegwana ongumakhelwane uthe bafe olwembiza ngoba uyena umufi obewusizo emphakathini noma kungavela yiphi inkinga.