KUKHALWA nxa zonke ngowesilisa obeyisitabane obulawe ngesihluku ngokuklajwa ngobhushu maqede washiswa nendlu eShowe ngesonto eledlule.
UZwe Zulu (34) obengaconsi phansi nasezinkundleni zokuxhumana, kusolwa ukuthi ngosuku ashone ngalo, ubevakashelwe yisoka lakhe elisha ekhaya kubo.
Abangani bakhe abagcine ukukhuluma naye bathi bagcine ukuxoxa naye esebatshela ukuthi sengathi ubusuku abuhambi kahle naleli soka, waze wabatshela nokuthi uma kukhona okwenzekayo kuye, kuyoba yilona isoka elimenzakalisile.
Omunye wabangani bakhe utshele leli phephandaba ukuthi kunzima ukwamukela ukuthi akasekho emhlabeni.
“Wasifonela njengabangani bakhe wasitshela ukuthi usethole isoka laseMlalazi. Samjabulela kanti lizomvakashela kuthangi washo futhi uma selifikile kubo. Uthumelele omunye umngani wethu isithombe salo mlisa washo ukuthi noma yini ezomvelela kubuzwe yena. Kuyaba umakhelwane usebona kusha endlini ebusuku,” kusho umngani. Eqhuba uthe yingaleso sikhathi omakhelwane baphuthume bamkhipha endlini bamthola elimele.
“Kubuhlungu ngoba bekunobhushu eduze kwakhe engicabanga ukuthi umlimaze ngawo. Ekhanda ubenama- dreadlocks kodwa bese efana nomuntu ogundile elimele. Ngicabanga ukuthi naye ubezama ukulwa ezivikela. Kubuhlungu ngoba ubewumuntu onothando obengenalo udlame, siyafisa amaphoyisa asisize atholwe lo mlisa ngoba isithombe sakhe sikhona,” kusho umngani obekhihla isililo echaza indlela umngani wakhe abelimele ngayo.
Omunye owesifazane wasendaweni nobemazi kakhulu umufi uthe bashayekile ngoba ubelungile futhi engekho umuntu angezwani naye endaweni. Ukubulawa kwakhe ngesihluku uthe kubashaqise kakhulu.
“Kade ngamazi ubewumuntu wabantu akakaze abe mubi emphakathini. Akekho okwamanje owaziyo ukuthi ubulaweleni,” kusho owesifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aphezu kophenyo.
“Kuvulwe icala lokubulala emuva kokuthi owesilisa egwaziwe washiswa ekhaya lakhe. Izihlobo zizamile ukumkhipha kodwa washonela endaweni yesigameko. Amaphoyisa aseShowe ayaphenya,” kusho uCol Mbele.
Ilungu lomndeni elingafunanga negama lalo litshele iphephandaba ukuthi bona bafisa kwenzeke ubulungiswa umthetho usebenze.