SABELO NSELE
AMAQEMBU aphikisayo kwisishayamthetho saKwaZulu-Natal akhala ngenkohlakalo ekuthengweni kwezinsiza zokulwa negciwane iCorona.
Kwinkulumompikiswano ebisesishayamthetho sesifundazwe ngoLwesine, amaqembu aphikisayo athe inkohlakalo inuka “phu” eminyangweni yalesi sifundazwe.
Ngokombiko okhiswe umcwaningimabhuku uMnuz Kimi Makwetu, iningi inkohlakalo eyenzekile kusuka leli lizwe liqale ukuthenga izinsizwa zokulwa nobhubhane.
USotswebhu weDA, uMnuz Francois Rodgers, uthe kuningi okufanele kuphenywe ngoba kuningi okushayisa amakhala mayelana namanani iminyango ebithenga ngawo izinsiza.
“Ukubheduka kwalolu bhubhane kuvulele izikhulu zikahulumeni ezingogombela kwesabo, ithuba lokuntshontsha imali yabantu abahlwempu.
“Umnyango wezeNhlalakahle kulesi sifundazwe kusazofanele usichazele ngala mathawula okugeza ubuso abathi bawathenga ngoR2,7 million.
“Kuzofanele futhi uchaze ngamaphepha asendlini yangasese abathi bawathenge ngoR2,5 million nokudla kukaR500 000 abathi kwakuphakelwa izaguga emahhovisini ezempesheni,” kusho uRodgers.
Umholi we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe kusukela kwamenyezelwa umvalelandlini, zanda kakhulu izinsolo zenkohlakalo.
“Ngesikhathi kumenyezelwa umvalelandlini, amanqe abona ithuba lokukhwabanisa izimali zabantu abahlwempu.
“Laba bantu bahola izigidi kodwa abanamahloni okweba izimali zahlwempu,” kusho uHlabisa.
Ilunga le-EFF uMnuz Mongezi Twala, lithe kuyishwa ukuthi bekwebiwa izimali ekubeni abasebenzi bezempilo bengenazo izinsiza ezanele zokuzivikela kuleli gciwane.
“Umnyango wezeNhlalakahle kulesi sifundazwe kuningi okusafanele ukuchaze.
“Kwenzeka kanjani ukuthi bathenge izimfonyo ngo R51 ngasinye ekubeni eminye iminyango ikwazile ukuzithola ngo R11?
“Zona izijumbane ezazikade zithenjiswe abantu zibhajwe kuphi?” kubuza uTwala.
Ilunga leNFP uMnuz Vikizitha Mlotshwa, uthe kufanele kuxoshwe abantu.
“Kodwa aninamahloni maqabane kaTambo (Mnuz Oliver Tambo owayengumengameli we-ANC), seningaze nintshontshe imali yomkhuhlane ekubeni abantu befa.”
UNdunankulu waseKZN uMnuz Sihle Zikalala, uthe nakuba ikhona inkohlakalo kuhulumeni, kodwa kuningi isifundazwe esikwenzayo ukulwa nalesi sihlava.