UDINWE uyaveva umphakathi waseMuden osola amaphoyisa ngokuthi adubule indoda yafa kubo ngoba ethi inesibhamu esingekho emthethweni.
Kodwa kuthiwa umufi udubule amaphoyisa kuqala nawo ase ezibuyiselela.
UMnuz Nkwimbi Dladla kuthiwa udutshulwe esendlini yakhe yokulala izolo ekuseni ngamaphoyisa ophiko lwe-National Intervention Unit (NIU) abezofuna isibhamu esingekho emthethweni.
Amanye amalungu omphakathi athe awakholwa wukuthi uDladla udubule amaphoyisa kuqala ngoba awazange asibone isibhamu sakhe futhi awazange avunyelwe ukubona isidumbu sakhe.
Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithe kunzima ukuthemba amaphoyisa ngoba sekube nezinto eziningi ezenzekayo endaweni abangagculisekile ngazo.
“Ngesonto eledlule komunye umuzi kungene abazenze amaphoyisa nabo bafuna izibhamu. Bathola isibhamu esisemthethweni bahamba naso. Uma sesilandela, bekungewona amaphoyisa kodwa ngabantu okuthiwa abaziwa. Manje uma ungqongqozelwa ngabantu bethi bangamaphoyisa awusathembi. Manje njengoba sekubulewe umuntu kuthiwa yingoba ubedubula amaphoyisa, sizokholwa kanjani,” kusho ilungu lomphakathi.
Ilungu lomndeni elithintwe yiSolezwe izolo lacela ukungavezwa igama lithe kusenzima ngoba abazi noma baphephile yini.
“Okwamanje sisezwa okushiwo amaphoyisa ngoba asisibonanga isibhamu okuthiwa ubadubule ngaso, asizwanga noma kunokuqhuma okusuka endlini. Sididekile, sifuna kuphenywe,” kusho owomndeni.
Obhekele ukuphepha komphakathi eMuden, uMnuz Thandanani Lembethe, uthe okwenzekile kubashaqile kodwa wanxusa umphakathi ukuba wehlise umoya.
“Esikudingayo wukuba amaphoyisa aphenya amacala enziwe ngamaphoyisa (IPID) aphenye bese eyasitshela ukuthi kwenzekeni. Okwamanje umphakathi usadiniwe ngalokhu ngoba awuqondi ukuthi kwenzeke kanjani. Kumele umphakathi uthembe ukuthi amaphoyisa azowuvikela hhayi ukuwuhlasela,” kusho uLembethe.
Uphenyo lamaphoyisa luyaqhubeka.