Ubudinwe ugane unwabu umndeni othathe isidumbu sendodana waya naso emaphoyiseni ngoba ufuna ubulungiswa. Isithombe: FACEBOOK NKOMAZI FM
Ubudinwe ugane unwabu umndeni othathe ibhokisi elinesidumbu sendodana waqonda esiteshini samaphoyisa iSchoemansdal.
Kuthiwa lo mndeni uhambe amakhilomitha ambalwa nesidumbu sendodana uNkosana Samuel Masuluke (27) waze wafika esiteshini samaphoyisa wahlala naso esangweni.
Lo mndeni uthi ufuna ubulungiswa ngokubulawa kwendodana yawo, ihlaselwa yiqulu labantu ngoMsombuluko ebusuku.
Ngokwemininingwane etholwe abezindaba, uMasuluke ushaywe abaqaphi bomphakathi bemsola ngokweba.
Kuthiwa bebesola ukuthi weba izingubo nomakhalekhukhwini emizini yabantu endaweni yaseMasimini eSchoemansdal.
UJames Tibane, okhulumela umndeni uthe, “siphatheke kabi kakhulu, futhi sisazama ukukwetshisa okwenzekile. USamuel ubengumfana olungile, bekungamfanele neze lokhu okumehlele ukuba abulawe ngale ndlela.”
UTibane uthe amalungu eCPF abulale uSamuel emsola ngokweba izingubo nomakhalekhukhwini emizini yabantu.
“Bafika ekhaya bezokubheka lokho, abatholanga lutho kodwa baqhubeka nokumshaya waze wafa,” kuqhubeka yena.