‘NGABE kungcono ukuba bathathe imoto, obhavu nemali kodwa bashiye imiphefumulo yabo. Ukubabulala, babashise baphinde babagqibe ngale ndlela, ubulwane lobo!”
Lawa ngamagama ashiwo yisihlobo sikaMnuz Takenda Tazving (26) otholwe egqitshwe ethuneni elingashoni nozakwabo uMnuz Jabulani Sithole (41) KwaMambulu eKranskop ngoLwesibili.
Labo somabhizinisi kuthiwa bebezodayisa izimpahla bese beqoqa nezikweletu njengenjwayelo ngesikhathi behlaselwa abantu abangaziwa, baduna imoto yabo, babadubula, bashiswa base begqitshwa emathuneni amabili angashoni.
USithole noTazving bahlala eGingindlovu. NgoMsombuluko bebehambele indawo yaseKranskop ngesikhathi beduka.
Imoto namathuna abo kutholwe ngoLwesibili ebusuku.
Imoto abebehamba ngayo, Isuzu kuthiwa itholwe ibhajiwe ngasemhosheni iKhumbukhulu, igcwele igazi.
UMnuz Senos Cwayi onguninalume kaTazving uthe namanje abasikholwa isihluku laba ababulawe ngaso.
“Namanje ngisazibuza ukuthi umuntu onjani obulala kanjena, kubuhlungu akukhulumeki. Indlela ababulawe ngayo, bashiswa, bagqitshwa emathuneni angashoni. Laba bantu bebezisebenzela bedayisa obhavu nezingubo nezitsha beqoqe nezikweletu kubantu. Bekumele bathathe impahla nemali uma bebefuna khona babayeke. Bebenzeni baze babulawe?” kubuza uCwayi ekhala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe bavule amacala amabili okubulala.
“Ngokophenyo olusenziwe, uSithole noTazving baduke ngoJuni 11 kade beyodayisa. Amaphoyisa nomphakathi ububathungatha, kutholwe imoto eduze kwamathuna amabili angashoni. Kumbiwe kwatholwa izidumbu ezimbili zinamanxeba okudutshulwa, nokushiswa. Imbangela yokubulawa kwabo ayaziwa. Kuvulwe amacala okubulala esiteshini saseKranskop, akekho oboshiwe kodwa kusaphenywa,” kusho uMbhele.
UCwayi echaza uthe umshana wakhe uTazving waseZimbabwe uneminyaka eyisikhombisa afika kuleli, ubeneminyaka emihlanu esebenza kule ndawo edayisa.
Uthe banezinyanga ezinhlanu besebenza noSithole.
“Asazi kungani bebabulele, noma bebefuna imali noma izikweletu abebengafuni ukuzikhokha. Noma kungaba isiphi isizathu akekho umuntu okumele abulawe ngale ndlela. Umshana wami nje ushiye ingane yakhe enezinyanga ezintathu, nengoduso esencane. Laba bantu bebesadingeka emindenini yabo,” kusho uCwayi.
Elandisa Isolezwe uthe ubagcine ngeSonto bebuya kodayisa kwenye indawo.
Uthe bahambe ngoMsombuluko beyodayisa eKranskop bese beya ukuyoqoqa izikweletu babuyele eGingindlovu. Uthe babone lishona ilanga bengabuyi namaselula engangeni baqala bakhathazeka.
“Siqale sazitshela ukuthi kungenzeka ukuba bafelwe imoto namafoni alahleka. Sigcine sesihamba ngenye imoto sibabheka ubusuku bonke. Size sacela ukulala emtholampilo wendawo ngo-3 ekuseni. NgoLwesibili ekuseni siqhubeke nokubafuna abantu belokhu bethi bayibonile imoto, abanye beze besho ukuthi bathengile ngisho nempahla,” kusho uCwayi.
Uthe ubone kushona ilanga ngoLwesibili bengabatholi base beya esiteshini samaphoyisa.
“Sibuye namaphoyisa sangena emihosheni sibabheka. Sibone ngemoto ibhajiwe, saba nethemba ukuthi sizobathola. Sibe sesibona namathuna, kwacaca ukuthi babulewe. Ambiwe nangempela sathola ukuthi yibona,” kusho uCwayi.
Uthe bekukhona nobhavu befihliwe emhosheni.
“Bekubukeka sengathi bebesazobuya bezolanda obhavu. Imali namaselula bakuthathile,” kusho uCwayi.
Ngokusho komndeni walaba ababulewe bafisa baboshwe abasolwa babhadle ejele ngesenzo sabo.