USATHUKILE umndeni wakwaNgcobo eMatikwe, eNanda, oshiselwe umuzi ngumphakathi ngoba kusolwa ugogo wakhona ngokuloya.
UNkk Buselaphi Ngcobo (77) usakhungathekile ngokuhlaselwa wumphakathi waze waphuma ngesamagundane ngoLwesihlanu ekuseni ngoba ephephisa impilo yakhe washiya abazukulu abahlaselwe ngumphakathi ogcine ushise umuzi ngoMgqibelo entathakusa.
UMnuz Ayanda Myende ongomunye wabazukulu obelele endlini eshisiwe, uthe bavuke sekunuka uphethroli. Uthe uvuse abanye ngoba ezwa umsindo wamalungu omphakathi abebemeza ethi “awushiswe umuzi womthakathi”, kodwa baphuma ngomunye umnyango babaleka beyofuna usizo. Indlu uthe ishe yonke nezimpahla ebeziphakathi.
“Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi sineminyaka sihlala kule ndawo futhi sizwana ngoba siwumphakathi omncane kakhulu, kodwa indlela esihlaselwe ngayo iyangithusa ukuthi abantu bakithi sebaphenduka abantu abanonya olungaka.
“Ngibonga ukuthi ugogo ubaleke waya ezihlotsheni kusenesikhathi ngoba ukube ubekhona endlini ngobusuku esihlaselwe ngabo angiboni ukuthi ubezokwazi ukuphuma kuloya mlilo. Namanje asikazi ukuthi yisiphi isizathu sokuthi baze basole ugogo ngento embi kanje,” kusho uMyende.
Uthe okumphatha kabi kakhulu wukuthi kukhona nezingane ezincane ezibone into ebuhlungu kanje yenzeka ekhaya lazo okuzokwenza ukuthi kube nzima kuzona ukuthi ziphinde zikhululeke emphakathini okade uzama ukubabulala ngokubashisa nendlu.
“Usizo lwabezengqondo siyalundinga siwumndeni ngoba into eyenzeke kithina iyathusa kakhulu. Besicela amaphoyisa angenelele kulolu daba lwethu ngoba asizizwa siphephile endaweni. Sifisa nabo bonke abathinteka ekuhlaselweni komndeni wami baboshwe ngoba bayingozi kuthina nasemphakathini wonke. Sicela nohulumeni asisize ngokusilungisela indlu ngoba kushe konke ngisho nempahla yasendlini sasala singenalutho,” kusho uMyende.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asesitesheni saseNanda aphenya icala lokushiswa komuzi.