ZIBOSHIWE izithandani ezisolwa ngokungqongqisa umuzi wakamakhelwane, okuthiwa zidinwe ukubanjwa zigezwe ngenkani emva kokuthi abangani abaphuza nazo bebekhala ngokuhlukunyezwa yiphunga, esigamekweni esenzeke eHammarsdale, e-Unit-4 ngoMgqibelo.
Amalungu omndeni wakwaNdimande okukhona kuwo nezingane enezinyanga eziyisishiyagalombili, eneminyaka eyisikhombisa neno-14, asale nakugqokile kungqongqiswa yonke impahla okusolakala ukuthi kwenziwe izithandani okuvele ukuthi zidinwe ukukhuhlwa insila ngesaka lamawolintshi nensipho,ngabangani abawomakhelwane abathi bekungahlaleki nabo njengoba bebengakuthandi ukugeza.
UNksz Londiwe Ndimande ongumnikazi womuzi, uthe bangabangani nalezi zithandani njengoba bephuza bonke, kanti bahlezi bezitshela ukuthi azigeze kodwa zingathandi, okuthe ngesonto eledlule babopha iqhinga lokuthi bazivalele endlini bathele amanzi kubhavu bazigeze ngenkani.
“Bangabangani bethu esibakhonzile esiphuza nabo. Sekunesikhathi sibancenga sithi abageze ngoba uma sihleli nabo siyahlukumezeka. Besithi siyabasiza siyalekelela kanti asazi ukuthi sebezodinwa bashise umuzi kanje.
“NgoMgqibelo besihleli sonke ka-anti kuphuzwa. Baphumile basishiya, babonwa abathile bechela uphethroli endlini. Okuthe uma ehlaba umkhosi saphuma sababamba bengakashisi, ezandleni zabo bekuvimbanise iphunga lika-phethroli nasendlini yonke,” kusho uNksz Ndimande.
Uthe amalungu omndeni acele ukufihla ikhanda ezihlotsheni, ngoba bese esaba ukulala kule ndlu engazi ukuthi angawuhlanza kanjani uphethroli, okuthe ngawo uMgqibelo ebusuku kwabonakala indlu enamagubi amane igqamuka amalangabi.
Ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni yesigameko, omakhelwane bebesalokhu bebabaze isihluku okuthiwa senziwe abasolwa.
Omunye womakhelwane owayekhona kugezwa izithandani ongathandanga negama lakhe, uthe babengaqondile ukuzihlambalaza ngoba owesilisa wayegezwa ngabesilisa, owesifazane egezwa ngabesifazane.
“Asizange siqaphele ukuthi isenzo sethu sabadina ngaleyo ndlela, njengoba owesifazane ubesincoma ethi simsizile. Sabanika izinto ezinuka kahle ngenxa yokuthi siyabathanda bangabangani bethu,” kusho umakhelwane.
Kuthiwa amalungu omphakathi abambe abasolwa abanikela emaphoyisa khona izolo.