BAHLALELE ovalweni othisha baseWiggins Secondary, eMayville, ngemuva kokushiswa kwamahhovisi abo, kwasha izincwadi nempahla yesikole kwanqanyulwa namapayipi amanzi okusolwa abantu abafuna ukudla umhlaba wesikole okungakhiwe kuwona.
Lokhu sekwenze isikole sacela amaphoyisa ukuthi azulazule ngaphandle kwaso njengoba kuthiwa kunabasabisile ngokuthi bazobuya bazongqongqisa nezimoto zothisha ngoba banenkani bagweve nendawo.
Kuthiwa kufike abantu ababalelwa ku-50 izolo ezintatha kukhona onogada ababili bafike baphihliza ihhovisi lothisha bashisa izincwadi basuka bahamba.
Uthishanhloko uNkk Mamotsau Sithole, uthe uphuthume esikoleni khona ezintatha ngemuva kokubikelwa ukuthi kuyasha.
Uthe ufike kushiswe ihhovisi lothisha, kwasha izincwadi nomsebenzi wabafundi nowothisha.
“Amanzi asinawo nje, basike amapayipi, amathoyilethi awasebenzi. Kushe nokudla obekuthengiwe, izihlalo namatafula okusha sha. Othisha bayasaba ngoba kunabantu abasonga ngokuthi bazobuya bazoshisa izimoto,” kusho uNkk Sithole.
Uthe okubuhlungu wukusha komsebenzi wabafundi okumele baqale phansi bawuqoqe.
“Sizoncenga abafundi ukuthi baphinde babhale. Kushe umsebenzi wonyaka wonke wezingane. Nanyakenye kwantshontshwa amakhompyutha kwadingeka siqale phansi umsebenzi. umonakalo owenzekile ungaphezulu kukaR50 000.”
Uthe amapayipi amanzi bebesanda kuwalungisa kuleli sonto bekade befike esikiwe.
Uqhube wathi bancenge abafundi ukuthi babhale izivivinyo ezandulela ezokugcina njengoba izolo bekubhalwa i-English.
Lesi sikole singesinye sezikole ezenza kahle njengoba nyakenye sithole u-99% kwa-matric.
“Kulo nyaka besifuna u-100% asazi uma sekwenzeke kanje ukuthi kusazokwenzeka yini. Asibazi laba bantu abenza nje ngoba abakaze beze kuthina.”
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe umphakathi akumele udubele ezikoleni uma ufuna izidingo.
“Asisazakhi izikole ezishiswe wumphakathi. Umphakathi uzozibonela ukuthi uzosakha kanjani ngoba siyisidingongqangi. Siyasigxeka lesi senzo ngoba senzeke sekusele inyanga ngaphambi kokubhalwa kwezivivinyo zika-matric,” kusho uMthethwa.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokucekela phansi impahla elivulwe esiteshini samaphoyisa iCato Manor.
Uthe ezintatha zayizolo amalungu omphakathi avale umgwaqo iDunbar ekhala ngokushoda kwezidingo.
“Abe eseya esikoleni iWiggins Secondary afike aphihliza amawindi, akukaboshwa muntu.”