KUSHISWE ibhasi likamasipala nezimoto ezimbili kwavalwa nemigwaqo ngamathayi avuthayo emibhikishweni ehlukene eThekwini izolo.
Umgwaqo uM19 noQuarry ngaseClare Estate uvalwe ngamathayi avuthayo ngababhikishi abahlala emijondolo kuQuarry abebekhonondela ukuthi uMasipala weTheku ukhiphe ugesi wezinyoka abebewudonse ngokungemthetho nokungakhelwa izindlu zangasese.
UMnuz Mbongeni Jali osekomitini lomphakathi, uthe sekunesikhathi eside umasipala wabathembisa ukubafakela ugesi nezindlu ezincane kodwa kuze kube manje akukho okusenziwe.
“Bafike basikhiphela ugesi ebesiwudonsa oyizinyoka. Umphakathi uyaqonda ukuthi ukudonswa kogesi ngendlela engekho emthethweni akulungile kodwa sanquma ukuwudonsa ngoba kungekho okwenziwayo ukusifakela. Yingakho umphakathi uvale umgwaqo ngenxa yokucasulwa yilesi senzo,” kusho uJali.
Uthe kabanazo izindlu zangasese kodwa ikhansela lilokhu libathembisa ukuthi bazokwakhelwa.
Okwenze umphakathi wasukuma wukubona selingazibambi izingcingo uma lishayelwa ngamalungu ekomiti elimele umphakathi efuna incazelo ngokwenzekayo.
Elinye iqeqebana labantu belijikijela izimoto ezidlula emgwaqweni ngamatshe.
Amaphoyisa nabezindaba bathwale kanzima bevika amatshe.
Kube nemibiko eveze ukuthi abanye ababhikishi bangene bazitapela ezitolo ezidayisa inyama notshwala.
Okhulumela umasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, usigxekile isenzo sababhikishi.
“Esinye sezizathu esibenza babhikishe yingoba idolobha iTheku lithathe isinqumo sokubanqamulela ugesi ebebewuxhume ngokungemthetho. Ngosuku umasipala ulahlekelwa yimali ecela ezigidini zamaRandi ngenxa kagesi odonswa ngokungemthetho,” kusho uMayisela.
Uthe umasipala uyahlangabezana nezidingo zabantu abahluphekayo ukuphucula impilo yabo kodwa abantu bakha imijondolo ezindaweni okungelula ukuthi kuze intuthuko kuzo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kucekelwe phansi iveni yamaphoyisa nezinye izimoto eziphihlizwe ngamatshe.
Kushiswe nebhasi likamasipala nezimoto ezimbili ezincane.
“Amalungu abalelwa ku-300 avale umgwaqo uM19 noQuarry ngamathayi avuthayo. Kuboshwe abantu abangu-10 abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-40. Baboshwe amaphoyisa aseSydenham. Kulindeke bavele enkantolo maduze,” kusho uCaptain Gwala.
Komunye umbhikisho kuvalwe umgwaqo uM25 KwaMashu ngabantu okuthiwa bebesuka ehostela bekhononda ngezidingo.
Imibiko engaqinisekiswanga ngamaphoyisa ithe ngesikhathi kubhikishwa, kukhona oshayiswe yimoto wafa ezama ukubalekela amaphoyisa abehlakaza isixuku sababhikishi.