BASHAYWE umphakathi banaba abalisa ababili abebesolwa ngokweba izimoto eWaterloo, eVerulam.
Laba balisa abashaywe bacishe bashona kuthiwa bahlaselwe ngamalungu omphakathi obewubasola ngokweba izimoto ngoMgqibelo emuva kwehora lesine ekuseni.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe babizwe emuva kwehora lesine ekuseni lapho befice khona imoto yohlobo lweToyota Tazz isha nabasolwa sebeshayiwe.
“Amadoda amabili abeshaywa ngezagila nangamatshe ngamalungu omphakathi abebasola ngokuzama ukuntshontsha imoto,” kusho
uBalram.
Omunye wabahlali balapho okusolakala ukuthi laba balisa bantshontshe khona imoto, uthe imoto yabasolwa ingene kuleya ndawo engamaflethi ngezikhathi zasekuseni ngoMgqibelo yashiya abantu ababili abagcine sebebonakala bezama ukuxakazisa enye imoto khona eflethini.
Uthe abantu bakuleya ndawo okukholakala ukuthi bebengaphezu kuka-100 bamise imoto ebihamba abasolwa bayivimba ukuthi ingaphumi.
“Bamise iToyota Tazz base beshaya abantu abebephakathi emotweni ngaphambi kokuthi bayishise. Umshayeli kuthiwa uvumile ukuthi uyingxenye yeqembu elintshontsha izimoto eBerea,” kusho Balram.
Uthe kube sekubizwa amaphoyisa, base bephuthunyiswa esibhedlela laba balisa abese belimele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa avule icala lokuzama ukubulala emuva kokuhlaselwa kwalaba balisa ngamalungu omphakathi.
“Uthe kukholakala ukuthi laba balisa ababili bebesemaflethini abizwa ngeHammonds eWaterloo lapho behlaselwe amalungu omphakathi. La madoda abelimele aphuthunyiswe esibhedlela, imoto yawo yashiswa,” kusho uZwane.