ONGOTI bezamasiko bathi kuyihlaya ukuthi ogaqele isihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uSimakade Zulu, uzogcotshwa ngokwesintu.
Kuvele ukuthi uMntwana uSimakade kuhlelwe ukuthi agcotshwe ngokwesintu ngoMgqibelo esigodlweni eNyokeni, lapho ezongena khona esibayeni.
Isimemezelo sokungena kwakhe esibayeni siza emva kokuthi kumenyezelwe ukuthi iSilo, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, sizongena esibayeni ngesonto elizayo.
Ngokwesimemezelo esenziwe okhulumela abeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uMandla Zulu, usiko lokungena kukaMntwana uSimakade luzokwenziwa emva kokugezwa kwesihlalo sobukhosi.
Izazi zamasiko zithe uMntwana uSimakade akumfanele ukungena esibayeni, zathi iSilo uMisuzulu kuphela okufanele singene esibayeni.
UDkt Maxwell Shamase, ozinze eNyuvesi yaseZululand, uthe bazophenduka inhlekisa abeseka uMntwana uSimakade uma begcine beqhubekile nalo mcimbi.
“Le nto abafuna ukuyenza iyinhlekisa. Abekho abantu abeseka le nto yabo. Okwesekwa abantu ilokhu okuzokwenzeka ngomhla ka 20 (okuwusuku okuzongena ngalo iSilo esibayeni). Uma engavuma ukungena esibayeni, kungabe uzidalela amashwa.
“Sakhiwe nini isibaya okuthiwa uzongena kuso? Phela akufanele angene esibayeni ebesivele sikhona. Uma ngingake ngibuze nje , uzalwa imuphi uNdlunkulu weSilo esikhotheme?”
UShamase uthe ziningi kakhulu izinto ezimphikayo uMntwana uSimakade ukuthi ahlale esihlalweni sobukhosi.
“Ingakho nasezinkantolo behlezi behlulwa labo abaphikisa ukuqokwa kweSilo. Angiboni ukuthi kukhona lapho abayoke banqobe khona. Le nto iqhutshwa iqeqebana elithile, ayinabo abantu abaningi abayisekayo.”
UShamase uxwayise ngokuthi umbango oqhubekayo ungase uphethe ngezinyembezi.
“Ngihlezi ngikusho ukuthi kufanele sikugweme ukubuyela eNdondakusuka (lapho iSilo uCetshwayo kaMpande sanqoba uMntwana uMbuyazi, ababebanga naye isihlalo sobukhosi), kodwa kubukeka sibheke khona manje.”
USolwazi Sihawukele Ngubane ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe okuqhubeka eNdlunkulu njengamanje kuyadida.
“Yonke imicimbi yabo iyaphindana. Njengoba kade kukhishwa ihlambo, likhishwe kabili yize bekwenzelwa umuntu oyedwa. Indlunkulu ayazi ukuthi yenzani. Kodwa ke iqiniso ukuthi munye okufanele angene esibayeni. Esibayeni akungeni abantu abaningi. Lokhu esikubonayo siyakweshwama.”
UNgubane uthe iSilo sinye kwaZulu, wathi akufanele isizwe sibe nokudideka.
“ISilo esibusayo sesiwuqalile umsebenzi, ukuqokwa kwaso sekwavunywa ngisho nawumengameli. Osekusele manje ukuthi sinikezwe ngokusemthethweni isitifiketi. UZulu kufanele uqonde ukuthi iSilo sikhona, kanjalo nombango ukhona futhi uyohlezi ukhona.”