Izindaba

Bashaya amakhala ngeyekhomishini ezophenya uMchunu

Mhlengi Shangase|Published

Ungqongqoshe wamaphoyisa Senzo Mchunu

Image: Siyabulela Duda/ GCIS

BATHIMULA bengabhemile abamaqembu ezombusazwe ngesinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuqoka ikhomishini ezoholwa yijaji elizothatha umhlalaphansi elizophenya izinsolo ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Lucky Mkhwanazi, ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu.
UMkhwanazi wenza izinsolo ezishaqisayo okubalwa ukuthi uMchunu uphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

URamaphosa unike ikhefu elikhethekile uMchunu njengoba kuzobe kunesigcawu sekhomishini.

Amaqembu athi bekumele amkhombe indlela uMchunu noma amsuse esikhundleni kunokuthi aqoke ikhomishini ezothatha isikhathi iphenya.

Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe abantu bakuleli sebeshaya amakhala ngodaba lwamakhomishini angathi shu.

Ubalule namanye amakhomishini aphambili wathi namanje awukho umnyakazo owenziwa kulabo abathinteka ezenzweni ezibi kuwona.

"Kukhona nabanye oNgqongqoshe kwiKhabhinethi obekumele bamiswe kodwa abasekhona. Bekumele ngabe wenze izinguquko kwiKhabhinethi yakhe kunokuthi alethe umuntu omusha ovela ngaphandle." 

Uthe bebengazi ukuthi uRamaphosa uzothini njengoba engazange abathinte bewuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene ngoba unalo ilungelo lokwenza izinguquko kwiKhabhinethi yakhe.

I-ActionSA ikhale ngokuthi kuzophinde kusungulwe enye ikhomishini ekubeni ekaZondo, eyayiphenya ukulawulwa kombuso yidlanzana, yadla uR1 billion, kwangaba nazinyathelo ezithathelwa abathintekayo.

UMnuz Vuyo Zungula umholi we-ATM ePhalamende, uthe bekungamele anikwe ikhefu ngoba uzoqhubeka ahole, athole neminye imihlomulo kahulumeni.

"Bekumele amxoshe kunokuthi amnike ikhefu. Abantu bakhathele indaba yamakhomishini njengoba nathi singayithembi ekutheni izokwenza lokhu okufanele," usho kanje.

Umholi weBOSA, uMnuz Mmusi Maimane, ukhale ngesikhathi esithathwa ikhomishini iphenya bese kungenziwa lutho.

Uthe nezinye izinhlaka kumele ziphenye ngoba abantu bakhathele amakhomishini.

USolwazi Levy Ndou, umhlaziyi wezepolitiki ekhuluma neSABC, uthe bebevele bekulindele ukuthi kuzosungulwa ikhomishini ukuphenya ngalezi zinsolo.

Uthe abantu bakhathele amakhomishini ngoba athatha isikhathi bese kungenzeki mnyakazo.

Okhulumela iqembu Umkhonto weSizwe uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uRamaphosa uhlulekile ukwenza okufanele ukuxosha uMchunu.

Uthe abantu bakhathele amakhomishini angathi shu kodwa okumoshwa imali yomphakathi.

"URamaphosa uhlulekile kumele ehle esikhundleni. Bekumele amxoshe uMchunu ngezinsolo ezibhekene naye." 

Okhulumela i-EFF uMnuz Sinawo Thambo, uthe bekumele asuswe uMchunu ngoba uzoqhubeka ahole.

"Lesi sinyathelo sifana nokuthi asibahloniphi abantu ekubeni ubugebengu budlangile kuleli. Abantu bakhathele amakhomishini angathi shu."

Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebeshaya amakhala bekhala nangokuthi bebelinde ubala kuRamaphosa ngoba akukho zinyathelo ezinqala azithathile.