SEKUQUBUKE uvalo ngamaqakelo asatshalaliswa wuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal anikwa abafundi ezikoleni angenaso isigxivizo sosuku akhiwa ngalo. Kunovalo lokuthi azophelelwa yisikhathi ngoba awanasigxivizo esikhomba ukuthi akuliphi izinga, enziwa nini futhi alungele ukusetshenziwa kuze kube nini.
Inyunyana yothisha iNatu ithi abazali bazwakalise ukukhathazeka ngenxa yempilo yezingane zabo ezinikwa amaqakelo adla uR109 million ngonyaka.
Esithangamini sabezindaba eThekwini izolo, uMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengameli weNatu, uthe bakhathazekile ngokuthi ayikho imininingwane ebalulekile emaqakelweni abafundi.
Uthe kuyakhathaza ngoba yonke impahla inalo usuku lokwakhiwa nolokuphelelwa yisikhathi nesigxivizo esiqinisekisa ukuthi impahla isezingeni elifanele.
“Kunengozi ngoba asazi noma amaqakelo akulungele ukusetshenziswa abafundi. Siyazi into ethinta isikhumba kudingeka iqinisekiswe ngoba abanye ingabahlukumeza,” kusho uThompson.
Uthe yingakho befuna kuphenywe.
“Inkinga wukuthi othisha kumele baphendule imibuzo ngendaba yezokuphepha ekubeni bengenalo ulwazi. Into ethinta izingane kumele ibe sezingeni elifanele,” kuqhuba uThompson.
Ithimba leSolezwe liye ezitolo lathola ukuthi izinto ezisetshenziswa ngabesifazane zinalo usuku ezakhiwa ngalo nolokuphelelwa yisikhathi. Kwezinye kuze kwaqinisekiswa nokuthi zihlolwe ngodokotela besikhumba, zinenombolo ethintwa uma kunabanenkinga ngemikhiqizo neminye iminingwane. Kwawomnyango ayikho yonke le mininingwane.
UThompson uthe kumele abuyiselwe emuva wonke kungaze kugule izingane.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezemfundo esifundazweni uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe bazizwile izinsolo ezishiwo yiNatu wathi bazophendula ngokugcwele.
“Sizofunda izikhalo bese siphendula. Sisamile ekutheni sikholelwa ekuphathweni komnyango ngendlela evulelekile,” kusho uMthethwa.
UDlungwane wajuba uphenyo ngokuthengwa kwamaqakelo okuthiwa agcwele avale indawo kwezinye izikole.
Uphenyo luzothinta nendaba yokuthi kungani egcwele ngokwedlulele kwezinye izikole nemibiko yokuthi anikwa nezingane ezingakayi ngisho ezinsukwini zazo.
UThompson uthe kuyabakhathaza ukunikwa kwezingane amaqakelo ngoba kwenza abazali baphoqeleke ukuthi bakhulume nazo ngendaba yokuya ezinsukwini nocansi.
Kwi-website yeSouth African Bureau of Standards (SABS) ithi ivikela izimakethe zakuleli ngezinto eziphuma ngaphandle ezishibhile.
Ithe igqugquzela ukuthi imikhiqizo ibe sezingeni elifanele ihambisane nemigomo yakuleli.