Umufi uNksz Zanele Dumakude
Image: Sithunyelwe
SISHAQISE umphakathi isigameko sokubulawa ngesihluku kowesifazane, egwazwa yisoka lakhe eZinketheni, eMgungundlovu, ngeledlule.
Kulesi sigameko kushone uNksz Zanele Dumakude (52) kulandela ukugwazwa yisoka lakhe ngento ecijile .
Osekomitini lomphakathi, uMnuz Mthandeni Zikhali, ethintwa yiSolezwe uthe bathole ukuthi isigameko senzeke emva kwengxabano ebiphakathi kukamufi nomsolwa.
“Esikutholayo wukuthi babezihlalele, beziphuzela njengenjwayelo. Kuthiwa kwasuka ingxabano engatheni, bagcina sebebekana izandla,” kusho uZikhali.
Uthe kuvele ukuthi kungemuva kokushayana lapho umsolwa ethole khona isikhali esicijile, wagwaza ngaso umufi entanyeni.
“Sibona ukuthi umgwaze endaweni embi njengoba umufi wavele washonela endaweni yesigameko,” kusho uZikhali.
Uthe akhona amalungu omphakathi agijime eza endaweni yesigameko njengoba kwezwakala ukuthi kunomsindo phakathi kwabo.
“Ngeshwa afika sekonakele,” usho kanje.
Uqhube wathi isoka alizange libaleke emva kwesehlakalo.
“Kwabizwa amaphoyisa langabaleka, futhi lavuma nokuthi ubulawe yilo,” usho kanje.
Uveze ukuthi isoka nomufi bebeyizithandani ezivame ukuziphuzela utshwala ndawonye, futhi baziwa endaweni.
Uthe bese benesikhathi eside bethandana, wathi nakuba bekuba khona ukungaboni ngasolinye kwezinye izikhathi, kodwa bekungeze kungafika ekutheni baze babekane izandla.
"Asazi ukuthi yini le engaka abayibangile kulokhu kwaze kwaholela ekutheni babekane izandla bese kuphetha ngokuthi owesifazane abulawe ngoba bekungeze kungafika lapho ukuxabana kwabo," kusho uZikhali.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale amahlebezi okuthi umufi uyilungu eliqavile loMkhonto weSizwe nokho ukuchithile uZikhali lokhu.
"Lawa ngamampunge. Umufi isikibha abonakala esigqokile ezinkundleni zokuxhumana, wayesimukeliswe ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho," kusho uZikhali.
Imizamo yokuthola indodakazi kamufi, uNksz Lungile Dumakude ayiphumelelanga, ucingo lwayo lukhale, lwangabanjwa.
Kanjalo nemizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga.
Related Topics: