ISHAQEKILE i-ANC KwaZulu-Natal ngokuthola izindaba zokusula isigubhukane kwemeya yayo kaMasipala waseNewcastle okuthiwa ibisongelwa ngokubulawa.
Izolo i-ANC ithe ibone ezinkundleni zokuxhumana ukuthi u-Advocate Makhosini Nkosi ebimfake ngo-2016 esikhundleni sobuMeya usesulile esikhundleni ngaphandle kokuyazisa nokuyinto eyethusile.
Okhulumela i-ANC esifundazweni, u-Advocate Nomagugu Simelane-Zulu, uthe ngisho unobhala ayikho incwadi ayitholile evela kuNkosi yokwesula nechaza izizathu.
“Kusishaqisile ukuzwa ngokusula kukaNkosi esikuthole ezinkundleni zokuxhamana. Ngokujwayelekile umholi osuke ejutshwe uKhongolose ezinhlakeni zikahulumeni, uye abhalele unobhala uma esula kuleso sikhundla njengaye uMeya uNkosi nokuyinto engenzekanga kulolu daba. Nokho ubuholi be-ANC bebulokhu bumatasa kulawa masonto nokungenzeka ukuthi incwadi ikhona kodwa besingakayiboni. Kuzothi uma incwadi sesiyitholile sixoxisane naye,” kusho u-Adv Simelane-Zulu.
UNkosi kuthiwa ubebhekene nengcindezi yokusatshiswa nokubikwe kwabezindaba.
Lokhu kuthiwa kwenzeke ngemuva kokuba ejube uphenyo ngenkohlakalo yamathenda obekunezikhalo zokuthi atholwa ngabantu ababodwa, okungabaholi abathile kumasipala nabasondelene nabo. Ngo-2017 kuthiwa kuphoqeleke ukuba kwengezwe ezokuphepha kangangokuthi bekuthi uma eza eThekwini noma eMgungundlovu, ubephuma ngezinye izimoto eNewcastle bese uma efika eMnambithi akhishwe afakwe kwezinye ngoba besekunezinsolo zokuthi kukhona abamlandelayo.
Ikhansela elizimele, uMnuz Blessing Mwali, lithe nabo le ndaba bayithole emoyeni kodwa sekubizwe umhlangano ophuthumayo wamakhansela.
“Insimbi iyashisa ngoba usula nje sisanda kumisa iMenenja kaMasipala ngezinsolo zenkohlakalo ethinta ukuthengwa kwamathayi ezimoto zikamasipala. Akugcini lapho kunekhansela lekomiti elibheka ukusebenza kwezimali zomkhandlu, elisulile nalo ngoba uphenyo obelujutshwe nguye uNkosi obelwenziwa ngamathenda belithinta nalo lelo khansela,” kusho uMwali.
Iphephandaba lendawo libike ukuthi uNkosi usebuyela kwezomthetho kanti wamukelwe iDurban Bar Council asezosebenza ngaphansi kwayo kusuka ngoJanuwari 15.
UNkosi uthintwe kaningi izolo ucingo engalubambi. Nemiyalezo athunyelelwe yona
akayiphendulanga.
UNkosi uke waba iLungu lesiShayamthetho emele i-ANC esifundazweni ngaphambi kokuba yiMeya yaseNewcastle ngo-2016. Ungummeli odumile esifundeni iMajuba District usemele izikhulu eziningi emacaleni ehlukene.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Lennox Mabaso, uthe bebengakezwa lutho ngokusula kukaNkosi.