Izindaba

Bashaqekile kutholwa isidumbu sengane (5) silenga esihlahleni

Zimbili Vilakazi|Published

Bashaqekile kutholwa isidumbu sengane (5) silenga esihlahleni.

USASHAQEKILE umphakathi waseNtuzuma, eThekwini, kulandela ukutholwa kwesidumbu sengane yomfana eneminyaka elinganiselwa kwemihlanu silenga esihlahleni ngeSonto.

Ngokuthola kweSolezwe isidumbu sale ngane sitholwe ngezinye izingane zendawo ebezidlala eduze kwesikole iDumehlezi High, zase zibiza abantu abadala.

Ikhansela lendawo, uMnuz Derrick Mngadi, elithe kalithandi ukuphawula kakhulu ngalolu daba ngoba selusezandleni zamaphoyisa, lithe nalo liyile endaweni yesehlo, lafike lazibonela ngawalo.

“Isidumbu sale ngane bese sithanda ukonakala, kukhombisa ukuthi isinezinsuku ilengisiwe kuleya ndawo. Kubizwe amaphoyisa masinyane, asithatha, athi kuzofanele sihlolwe ukuze kutholakale ukuthi yini imbangela yokufa kwayo,” kusho uMngadi.

Uveze ukuthi okwamanje emphakathini waseNtuzuma bekungakabi bikho mndeni osuze wazobika ukuthi ulahlekelwe yingane. Uhlawumbisele ekutheni maningi amathuba okuthi le ngane akusiyo eyendawo.

“Asifuni kodwa ukusho okuningi, kungaze kuphazamiseke umsebenzi wamaphoyisa. Ngoba udaba selusingethwe yiwo, yiwona asezosihola ngalokho azokuthola uma ephenya, exhumana nanezinye iziteshi, mhlawumbe ezinamadokodo ababikwe ukuthi balahlekile,” kusho uMngadi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe bangakuqinisekisa ukuthi idokodo lokufa komuntu liphenywa ngamaphoyisa aseNtuzuma.

“Lokhu kulandela ukutholakala kwesidumbu sengane eneminyaka elinganiselwa kwemihlanu. Lesi sidumbu sitholwe ngeSonto eNtuzuma kwaG. Nezimo eziholele kulesi sigameko nazo ziyaphenywa,” kusho uLt-Col Gwala. Uthe awukaziwa umndeni wale ngane.