USASHAQEKILE umndeni womlisa oyisangoma waseMlaza, ohlaselwe yindoda engaziwa efike yavulela ngentululwane yezinhlamvu.
Kuthiwa uMnuz Mbuso Kheswa (39), obehlala kwaB kuleli lokishi, uhlaselwe yindoda egaziwa ngeledlule ngabo-9 ebusuku, kusahambe ugesi kule ndawo. Kuthiwa umsolwa uqonde egumbini likamufi ebeliyisigodlo sakhe ngaphandle komuzi wakubo, maqede wamdubula.
Njengoba ugesi ubungekho kube nzima ukuthi umndeni nomakhelwane bambone umhlaseli. Kuthiwa emuva kokudubula, umsolwa ungene emotweni emhlophe washaya wachitha. Umufi oshonele endaweni yesehlakalo, udutshulwe ekhanda nasemzimbeni.
Unina kamufi uNkk Ntombifuthi Kheswa( 60), uthe kunzima ukwamukela ukuthi indodana yakhe kayisekho emhlabeni.
“UMbuso ubesebenza ngabantu, engenazo izitha. Sisashaqekile futhi siyabuzana emndenini ngesizathu sokubulawa kwakhe,” kubeka uNkk Kheswa.
Eqhuba uthe, isimo asisihle emndenini njengoba ingane yakhe ibulawe ngesihluku.
“Besingazi ukuthi siyagcina ukuba noMbuso ngobusuku abulawa ngabo njengoba siqale sakhuleka ngaphambi kokuthi siyolala. Sesibeke amathemba ethu kwabomthetho mayelana nalesi sehlo.”
Umthombo weSolezwe ocele ukungavezwa, uthe uyasola ukuthi abasolwa benze ngamabomu njengoba behlasele ngesikhathi kusahambe ugesi.
“Akekho nhlobo obezokwazi ukuba nesibindi sokuyoqalaza abahlaseli ebumnyameni. Kusobala ukuthi la bantu bebevele befuna ukungabonakali nhlobo. Namanje ngisathuka uma ngizwa umsindo omkhulu ngoba kubuya ubusuku okudutshulwe ngabo uMbuso,” kubeka umthombo.
Eqhuba uthe, wonke amalungu omphakathi asamangele ngesihluku okubulawe ngaso umufi njengoba ebengumuntu obekhululekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokubulawa komlisa odutshulwe amahlandla amaningi, ngesikhathi esegumbini lakhe lokulala.
“Amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala. Ayikaziwa imbangela yalesi sigameko,” kubeka uCaptain Gwala.