ABASEBENZI basePhalamende, eKapa, bedideke amakhanda kulandela ukuzibulala komunye wozakwabo, ozingqokloze ngesibhamu ngoLwesihlanu.
Lokhu kudalulwe okhulumela iPhalamende likazwelonke, uMnuz Moloto Mathapo.
“Okwenzeke namhlanje ekuseni (ngoLwesihlanu) akukuhle, kuthinta impilo yomunye wozakwethu. Wonke umuntu udidekile ngokwenzekile,” kusho uMothapo.
Ubekhuluma nabezindaba ngaphandle kwebhilidi emgwaqweni uPlein Street, okuyilapho okwenzeke khona lesi sigameko.
Uthe lolu daba luzosingathwa abaphethe kule ndawo ngokubambisana namaphoyisa ngokuthi benze isiqiniseko sokuthi into efana nalena eyiphindi yenzeke.
UMothapo uthe baphezu kwamalungiselelo okweluleka abasebenzi abazibonele kwenzeka lesi sigameko.
Kusolwa ukuthi lo msebenzi ozibulele, ibingavuselelwanga inkontileka yakhe. Akwazeki ukuthi ungene kanjani nesibhamu njengoba iPhalamende laziwa njengendawo eziqinisayo ezokuphepha. Yingakho amaqembu aphikisayo esezwakalise ukungathokozi ngezokuphepha ePhalamende.
USotshwebhu weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe kuzomele abezokuphepha ePhalamende baphendule ngalesi sigameko.
Osekomitini lezokuphepha ePhalamende, uMnuz Francios Beukman, yena uthe kuzomele aphendule kabanzi uKhomishana wamaPhoyisa kuleli uKhehla Sitole ngezinga lezokuphepha ePhalamende.
Lo msebenzi kuvela nokuthi ubeneminyaka ebalwela kwengu-50.