UBEZOBE elungiselela usuku lwakhe lokuzalwa ngoMsombuluko, nokuba wumama ezinyangeni ezintathu ezizayo, njengoba bekulindeleke ukuthi abelethe ngoDisemba umhlengikazi otholwe efile eweni.
Kodwa kunalokho, uNksz Nelisa “Mu” Cele obengumhlengikazi ungcwatshwa namuhla, eGamalakhe, ePort Shepstone. Abantu abebehambele inkonzo yesikhumbuzo sikaNksz Cele, bebesathukile nokuzwa ukuthi imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe eveze ukuthi ugwazwe ekhanda kanzima, wophela ngaphakathi.
Kubashaqisile nokuzwa ukuthi ubekhulelwe elindele umntwana wentombazane.
Lo mhlengikazi utholwe yisivakashi saseGoli ebesilandela izinyoni, eseshonile e-Oribi Gorge.
Isidumbu sakhe sitholwe sigaxele ezihlahleni, kwacaca ukuthi uphosiwe eweni.
UMHLENGIKAZI obenzelwe inkonzo yesikhumbuzo, uNksz Nelisa Cele, emuva kokutholwa kwakhe ebulewe. Isithombe: SITHUNYELWE
Okwamanje akekho osaboshiwe ngecala lokubulala, kodwa kukhona okushayisa amakhala nemibuzo engaphenduleki ngokuthi ngabe ukubulawa kwakhe kuyahambisana yini nesamba semali abeyikhiphele ukuthenga imoto entsha ngoLwesithathu olwedlule, okuwusuku anyamalale ngalo.
Umndeni ugcwale izinkalo umfuna ezibhedlela, emakhazeni naseziteshini zamaphoyisa okubalwa nesasePaddock ngoMgqibelo. Yilapho oze wathola khona ngesidumbu esitholwe ngayizolo sesonakele.
Umndeni udluliselwe emakhazeni kahulumeni ukuyohlonza isidumbu, ebesinomchazo (tattoo) emhlane ombone ngayo.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, obengomunye wabantu ebebehambele inkonzo yesikhumbuzo ebiseGamalakhe esibhedlela. Uzwakalise amazwi enduduzo emndenini wakaCele, wanxusa amaphoyisa ukuthi aqhubeke nokusebenza kanzima ukuze kuvele ukuthi ngempela kwenzekeni.
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo ngenkathi ehambele inkonzo yesikhumbuzo somhlengikazi eGamalakhe. Isithombe: SITHUNYELWE
Uzwakalise ukukhathazeka mayelana nodlame olubhekiswe kwabesifazane. “Emuva kokuhlolwa kwesidumbu kutholwe ingane yentombazane. Nokubanga ulaka nobuhlungu kakhulu. Kungani umuntu ebulala umuntu othwele omunye umphefumulo?
“Siyathinteka kakhulu ngalokhu kubulawa kwabasebenzi bezempilo, iningi labo okungabesifazane. Sidlulisa amazwi enduduzo kwiGamalakhe CHC nomndeni wakwaCele.
"Sibonga namaphoyisa ngomsebenzi asewenzile. Siyawanxusa ukuthi abathole abenzi bobubi,” kusho uDkt Dhlomo.
Udadewabo kamufi, uNksz Zandile Cele, uveze ukuthi basaphithene amakhanda njengoba lo mhlengikazi bekuwuyena obhekele ikhaya.
Unina kamufi, uNkk Babongile Cele, ubonge amaphoyisa ngokubalekelela nokukhuthalela umsebenzi wawo ngalesi sikhathi esinzima.
Lo mhlengikazi ushiye indodana yakhe eneminyaka engu-13 nezingane zakwabo ezine nabazali bakhe. Uzongcwatshelwa ekhaya eGamalakhe namhlanje.