SEBEPHELILE abesilisa eThekwini, beshayelwa ucingo isigilamkhuba esizenza iphoyisa eliyisikhulu esiphezulu, elithi likwazi ukusula amacala okudlwengula abesifazane okubalwa kubo ngisho awokudlwengula abadayisa ngomzimba.
Ngokwamaphoyisa aKwaZulu-Natal, lesi sigilamkhuba kuthiwa sigxile enkabeni yeTheku lapho sigila khona le mikhuba sizibiza ngoColonel Van Niekerk, osebenzela ekomkhulu lamaphoyisa KwaZulu-Natal lapho kwenganyelwe khona amadokodo amacala.
Lo Van Niekerk mbumbulu, ushayela izingcingo abesilisa kuphela bese ebabikela ukuthi banamacala okudlwengula abasanda kuvulelwa wona nokuthi izincwadi sezikhishiwe ezigunyaza ukuthi baboshwe ngokushesha.
Akagcini lapho, ube esethembisa ukubasiza ukuqeda lamacala uma bengamgwazela ngemali engekho ngaphansi kukaR3 000.
Muva nje owesilisa waseThekwini, uthuke woma efonelwa yilesi sigilamkhuba simtshela ukuthi kunomahosha osemvulele icala, ngemva kokuthi engazange amkhokhele emuva komsebenzi.
Lo wesilisa, utshelwe yisigilamkhuba ukuthi lo mahosha ombhophayo use-Escort Agency eseThekwini, wathi kumele akhokhe uR3 000 nokuyinto angazange ahambisane nayo lo wesilisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe ngenhlanhla akekho osayikhokhile le mali kodwa le mibiko ngalesi sigilamkhuba ingena, ingenile. Laba besilisa asebeshayelwe izingcingo bakwazile ukusheshe babikele amaphoyisa, okwenze ukuthi asheshe aqaphe akwazi nokuxwayisa umphakathi.
"Omunye wabashayelwe ucingo uthe, ukhethe ukubika ngoba wazi kahle ukuthi akayena umsolwa ecaleni lokudlwengula nokwenze wamangala. Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi angangeni ogibeni lwalo mgunyathi. Amaphoyisa awasoze afuna ukukhokhelwa imali kubasolwa nabagilwa. Abagilwa balo mgunyathi neminye siyabanxusa ukuthi babikele isiteshi samaphoyisa aseduze," kuxwayisa uCaptain Gwala.