CISHE bayisigidi abafundi abangazithola besenkingeni yokwenqatshela ukungena esikoleni kuleli ngenxa yokungabi nezitifiketi zokuzalwa.
UMnyango wezeMfundo uthi babalelwa ku-998 443 abafundi abasezikoleni abangenazo izitifiketi kuleli. Kulaba bafundi, iningi (880 968) ngabaseNingizimu Afrika. Lokhu kuvezwe abammeli babafundi abangu-37 base-Eastern Cape abebengakwazi ukuya esikoleni iminyaka ngenxa yokungabi nazo izitifiketi. Ngasekuqaleni konyaka, amajaji alishumi eNkantolo yoMthethosisekelo eholwa ngumengameli wamaJaji uMogoeng Mogoeng, bayalele uNgqongqoshe wezeMfundo kanye noNdunankulu wase-Eastern Cape ukuba bavumele laba abafundi bangene ezikoleni.
Izinselelo zomthethosisekelo zizolalelwa ngoLwesithathu nangoLwesine eNkantolo ePhakeme yaseGrahamstown. I-Centre for Child Law izobe iphikisa umthetho othi abantwana abangenazitifiketi bangangeni ezikoleni zikahulumeni.
Ngokomthetho waseNingizimu Afrika, uma umntwana engena esikoleni kufanele umzali noma lowo omnakekelayo ahambise isitifiketi sakhe sokuzalwa zingakapheli izinyanga ezintathu. Ngaphandle kwaso, bayenqatshelwa ukuthi baqhubeke nokuya ezikoleni zikahulumeni.
Ummeli walaba bafundi abangu-37 uzophakamisa ukuthi uma uMnyango wezeMfundo uwuphasisa lo mthetho, cishe bayisigidi abantwana abasezikoleni abangahlangana nembibizane yokuvaleleka ngaphandle. Iningi lalaba bantwana limnyama futhi lihlwempu. Isigaba 15 se-Admission Policy sithi bobabili abantwana baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe kufanele bakhiqize izitifiketi zokuzalwa uma bengena ezikoleni zikahulumeni. Abafundi bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho kufanele bakhiqize ubufakazi obuzoveza ukuthi abazali noma labo ababanakekelayo benza izaba zokugunyaza ukuba kwabo kuleli. Izigaba ezikwi-Immigration Act zikubeka kucace ukuthi kuwukwephula umthetho ukufundisa abantu abakuleli ngokungemthetho
Enkantolo kuzolwelwa ukuthi ilungelo lokufunda liqinisekisiwe kuMthethosisekelo kanti leli lungelo alibekelwe kuphela labo abanezitifiketi. Abantwana abangenazo izitifiketi kungenxa yezizathu ezahlukene ezihlanganisa nokuthi abazali bobabili sebeshonile noma labo bantwana balahliwe. Abammeli bazolwela ukukhombisa inkantolo ukuthi inkinga inkulu kunezingane ezingu-37 kuphela kanti kungakho iCentre for Child Law icela ukuthi angabikho umntwana ozovalelwa ngaphandle ngenxa yokungabi namaphepha amgunyaza ukuba kuleli.