KUZOTHATHA amasonto amathathu kuya kwamane ukulungisa inkinga yamanzi ephazamise abantu abahlala ezindaweni eziseNingizimu naseNtshonalanga yeTheku.
Namuhla kuzoba wusuku lwesine abantu baseKlaarwater, Shallcross, ingxenye yeChatsworth, Savanah Park, Welbedatch East neWest, Montford, Risecliff, Arena Park, Moorton, Crossmoor, Woodhurst, St Wendolins, Luganda, Demat, izingxenye zeMarianridge, izingxenye zeQueensburgh, Nirvana Hills, Enkoseleni naseMawelele bengenawo amanzi.
UMasipala weTheku uthe amanzi aqedwa wukufa kwamaphampu eziteshini eNorthdene. Wonke amaphampu amathathu kuthiwa afile okwenza ukuthi amanzi angayi ezinqolobaneni zamanzi eziseShallcross, Harinager, Chatsworth 4, Klaarwater, Birch Road, St Wendolins, Washington Heights nase Intake. Lezi zinqolobane yizona eziphakela izindawo ezingenhla ngamanzi kanti njengoba nazo zingawatholi amanzi, kusho ukuthi ompompi basazokoma.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uMasipala weTheku, uthe usuluqalile uhlelo lokulungisa amaphampu waveza nokuthi umsebenzi wokulungisa uthatha amasonto amathathu kuya kwamane.
Okwamanje umasipala uthe uzothumela amaloli athwala amanzi, waxolisa nangokuphazamiseka okudalwa yilesi simo.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku uthe bazama ukuthola amanzi kwezinye izinqolobane ukuze izindawo ezithintekayo zizoba namanzi ngesikhathi kusalungiswa amaphampu.
Uthe sebesinyusile nesibalo samaloli athwala amanzi sisuka ku-50 saya ku-94.
Ucele abantu ukuthi bagqoke izifonyo futhi baqhelelane uma bemi kolayini bamanzi.
Ngeminye imininingwane kucelwe abantu ukuthi bashayelele u-080 131 3013 noma bathumele imiyalezo ngo-whatsapp ku-073 1483 477