Izindaba

Basale nemidlinzo kubulawa inkosi noyise omncane

Khulekani Maseko|Published

INKOSI Nkanyiso Mncube ekhothame ngemuva kokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu ihamba noyise omncane naye oshonele endaweni yesehlakalo, emgwaqweni uR68 phakathi kweNquthu neBabanango ngeSonto Isithombe: SITHUNYELWE

Inkosi uNkanyiso Mncube (35) noMnuz Moses Mncube (40) onguyise omncane kuthiwa bebevakashela ezihlotsheni ngesikhathi bevukelwa abantu ababadubule besemotweni, emgwaqweni uR68 phakathi kweNquthu neBabanango.

Uyisemkhulu wenkosi uMnuz Xolisaliphi Mncube uthe ukubulawa kwayo ngale ndlela kuyadida ngoba bekungakaze kube khona mbango wesihlalo sobukhosi, umndeni wonke wayemukela kahle ngesikhathi igcotshwa ngo-2014.

“Akukho zitha zenkosi ebesizazi noma ebike ikhulume ngazo. Lokhu kusishaqasile ukuthi bebengaze babulawe ngesihluku esingaka. Sike sadlinza ngokuthi mhlawumbe yizimpi zamatekisi njengoba bebehamba noyise omncane onamatekisi asebenzela eGoli,” kusho uMncube.

UMnuz Sizwe Sibiya ongundunankulu emkhandlwini wenkosi uthe isizwe silahlekelwe kakhulu ngokukhothama kwenkosi isencane.

“Ngithole ucingo ngeSonto ntambama kuthiwa angiphuthume sekwenzeke lesi sehlo. Imoto abebehamba ngayo ibinezimbobo ezingaphezu kuka-50.

Besisalindele okukhulu kuye njengoba bekungumuntu osemncane futhi okhaliphile. Egameni lesizwe, silimele kakhulu futhi silahlekelwe yinkosi yethu,” kusho uSibiya.

Angu-63 amagobolondo ezinhlamvu zesibhamu esikhulu okuthiwa atholakale lapho behlaselwe bekhona.

USihlalo weNdlu yamaKhosi KwaZulu-Natal inkosi uPhathisizwe Chiliza unxuse amalungu omphakathi ukuthi ehlise umoya, ayeke amaphoyisa aphenye.

“Kube izindaba ezibuhlungu njengoba bekusalindeleke lukhulu kuyena njengomholi osemncane. Nakuba kubuhlungu kodwa siyafisa ukunxusa umphakathi ukuthi uzothe usebenzisane namaphoyisa ukuze kusheshe uphenyo kuboshwe abenzi bokubi. Sikhalisa iSilo samaBandla ngokuwa kwesinye sezihlangu zaso, umndeni nesizwe,” kusho uChiliza.

UNgqongqoshe woMnyango wezoBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthumele amazwi enduduzo emndenini, nasebuholini bomdabu.

“Sinxusa umphakathi ukuthi uveze okwaziyo ngokungaholela ekuboshweni kwamagwala enze isenzo esinyanyisayo. Sifisa amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla aphenye ngezigilamkhuba angashiyi lutho,” kusho uHlomuka.

UMnuz Bheki Ntuli onguNgqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi esifundazweni usejube amaphoyisa ukuthi asheshise uphenyo ukuze kuzobanjwa izigilamkhuba ngokushesha.

“Izingcweti eziphenya endaweni okwenzeke kuyo umonakalo seziqoqe konke okungasiza ophenyweni lokubulawa kwalaba bobabili. Amaphoyisa azosebenza ngokungakhathali ukubopha abasolwa,” kusho uNtuli

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseBabanango aphenya amacala amabili okubulala.

“Bahlaselwe emini bebade izolo (ngeSonto) ngabantu abangaziwa okuthiwa bebehamba ngenye imoto. Izidumbu zabo bezinamanxeba amaningi okudutshulwa,” kusho uCapt Gwala.

Uthe akukho okuthathwe kwababulewe.