Kuphele amahlathi kubanjwa abadune itekisi
Image: SAPS
Abasolwa ababili abebeduna izimoto basale enkundleni ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ngeSonto, eQonce.
IThimba elihlanganisa abophiko lwe-Tactical Response ezinze e-OR Tambo kanye naseChris Hani nethimba leReece lilandele umkhondo wetekisi iToyota Quantam eladunwa eQonce ngeSonto, 15 Juni 2025. Ikhumbi ibonwe endaweni yase-Darhabe ngase-Elliotdale. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuyimisa, umshayeli afake amafuthi wayishaya yazula, kodwa wagcina evinjiwe.
"Umshayeli nokunye abahamba naye bazamile ukubaleka bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Kuphele amahlathi kubanjwa abadune itekisi
Image: SAPS
Bobabili abasolwa badutshulwe bafa. Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili zohlobo lwe-9mm ezinezinombolo ezisuliwe, eyodwa kumsolwa ngamunye.