Emakotishi asemgwaqweni uDkt Langalibalele Dube lapho okutholakale khona abasolwa abane.
Image: Facebook
Kufe abahlanu abasolwa ngamacala okubulala ngoLwesihlanu ebusuku.Isehlo sokuqala senzeke emgwaqweni lapho amaphoyisa abelandela umkhondo womsolwa oyedwa.
"Lo msolwa ubefunelwa icala lokubulala, amathathu okuzama ukubulala nelokugebenga ibhizinisi. Uvulele ngenhlamvu emaphoyiseni evinjezelwe emgwaqweni kwaqala lapho ukudutshwana," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
KUFE abasolwa abahlanu eNanda
Image: Facebook
Esinye isehlo senzeke ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo wabasolwa ngokubulala, ukuzama ukubulala nokugqekeza imizi. Amaphoyisa avimbezele abasolwa emakotishi asemgwaqweni Dr Langalibalele Road, eNanda.
"Bathe bebona amaphoyisa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Kufe abasolwa abane."
Amaphoyisa athole izibhamu izibhamu ezintathu kubasolwa.
Alikho iphoyisa elilimalile.