Izindaba

Basakhala ngamaphoyisa adubula itekisi engafanele

Zimbili Vilakazi|Published

Kuyakhalwa ngamaphoyisa adubula itekisi "ngephutha"

Image: Sigciniwe

UKHALA ngokungazisoli kwamaphoyisa, umndeni womgibeli okugcine kumenela esibhedlela, kulandela ukudutshulwa kwetekisi amaphoyisa ayeyifanisa neyayiduniwe.

Lesi sigameko esashiya abagibeli ababili belimele kanzima, senzeka ngoJuni 25 kulo nyaka, emgwaqweni uSalt Rock Link eMhlali.

Kulabo bagibeli, kwakukhona noMnuz Zithulele Doyisa (46) waseMthwalume.

Ngokusho kwesihlobo, uMnuz Andile Luthango, uDoyisa, obengcwatshwa izolo, washona emva kwezinsuku ezintathu kwenzeke isigameko. 

Uthe kubahlukumezile emoyeni okwenziwe amaphoyisa.

“Aba budedengu kakhulu ngesikhathi enza umsebenzi wawo. Okusiphatha kabi kakhulu wukungakhombisi nhlobo ukuzisola ngakwenzile,” kusho uLuthango.

Uthe lokhu bakubone ngesikhathi beya kuwona beyobika ukuthi uDoyisa sekumenele esibhedlela, bacela ukulekelelwa ngezindleko zomngcwabo.

“Asitshela ukuthi akukho azosisiza ngako, athi uma sinezikhalo ngesigameko, esingakwenza wukuthi siwafake icala,” kusho uLuthango, othe njengoba besemanzini nje, bayizwe inenhlabathi - inkulumo yamaphoyisa.

Uchaze ngobunzima besimo emndenini, athe bekunzima nokuhlanganisa izindleko zomngcwabo.

Isolezwe lithole ukuthi kuze kwahlangana ngesikhathi sekungenelela abafake isandla. 

“Sishayekile ngalesi simo sonke emndenini, okubi wukuthi umufi ubenengane esencane, yiyo esibona ukuthi kusazoba nzima kakhulu kuyo njengoba eseshonile,” usho kanje.

Uveze ukuthi umufi ubesebenza eMargate isikhathi eside, kwathi ezinyangeni ezimbili ezedlule wafudukela eTete elandela inkampani yakhe, ethuthele ngaseBallito.

Ngosuku lwesigameko kuthiwa amaphoyisa ayelandela umkhondo wetekisi eyebiwe. 

Kuthiwa afanisa eyayigitshelwe wumufi nabanye abagibeli, abe eseyidubula. 

Kuvela ukuthi kwatholakala ukuthi adubule itekisi engafanele sekwenzeke umonakalo sekubonakala ukuthi itekisi edutshuliwe ibizigcwalele abagibeli.

Kwavela ukuthi labo bagibeli babesuka eBallito beya eTete.