ABAMELI baloyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, basaba ukuthi impilo yakhe ingaba sengcupheni uma engase abuyiselwe ejele.
Abameli bakaZuma bathe ejele ngeke athole ukwelashwa okusezingeni alidingayo.
Lokhu bakusho ngesikhathi kulalelwe isicelo sokuba kuchithwe isinqumo sokudedelwa kwakhe ngoshwele wokugula.
Isicelo esifakwe iDA, Helen Suzman Foundation ne-AfriForum, besilalelwe inkantolo eNkulu ePitoli, izolo.
Lezi zinhlangano zifuna kuchithwe isinqumo sowayengumphathi wamajele, uMnuz Arthur Fraser, sokudedela uZuma ngoshwele wokugula.
UZuma wadedelwa ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15 ngecala lokudelela umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo.
Abameli bakaZuma bathe ukuphoqwa kukaZuma ukuba ayoqedela isigwebo sakhe ejele eliseMtshezi kungenza ukuthi angakwazi ukuthola usizo lwezempilo aludingayo.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, uthe uZuma ngeke athole ukwelashwa okumfanele ejele.
“Udinga ukuhlala egadwe udokotela usuku lonke. Abaphathi bamajele basho kahle ukuthi ngeke akwazi ukuthola ukwelashwa okukulelo zinga emajele. Yingakho banquma ukumdedela ngoshwele.
“Ejele angakwazi ukunakekelwa odokotela amahora angu-12 kuphela. Kungani engayekwa aqhubeke nokudonsa isigwebo sakhe ekhaya?”
UMpofu uthe akazi ukuthi kungani lezi zinhlangano zicabanga ukuthi zinelungelo lokuphikisa okushiwo odokotela bakaZuma.
“Anibona odokotela. Yini eninikeza igunya lokuphikisa odokotela, abantu abawufundele umsebenzi?’’
Omunye wabameli bakaZuma, u-Advocate Thabani Masuku, usole lezi zinhlangano ngokufuna ukuhlambalaza uZuma.
“Bazidlalela ipolitiki laba bantu. Bafuna ukubona uZuma ephindela ejele, bese eyahlambalazeka. Bazisholo bona ukuthi bafuna ukumbona uZuma ehamba ngesihlalo esinamasondo, ukuze baneliseke ukuthi uyagula ngempela.”
Kepha ummeli weHelen Suzman Foundation, u-Advocate Max du Plessis, usole abameli bakaZuma ngokutetema.
UDu Plessis uthe uma ngempela kuwukuthi impilo kaZuma isengcupheni kufanele engabe wayiswa esibhedlela ayoqedela khona isigwebo sakhe.
Uphinde wathi uFraser kwakungafanele adedele uZuma ngenxa yokuthi ibhodi likashwele lakubeka kwacaca ukuthi akakufanele ukudedelwa ngoshwele.
“UFraser akasiyena udokotela. Kungani ashaya indiva izincomo zebhodi likashwele?”
Inkantolo isigodlile isinqumo.