Izindaba

Basaba ukuphefumula ngokuhlukumezeka abasebenzi esibhedlela eMshiyeni

Zimbili Vilakazi|Published

UDKT Alulutho Mazwi

Image: Phila Mthembu Duma Facebook

BANGENWA amanzi emadolweni odokotela abangamathwaswa esibhedlela iPrince Mshiyeni eMlaza, ukuphefumula ngokuhlukumezeka kwabo ngoba besabisa okwenyoka abangabaphathi babo.

Lokhu kuqinise imibiko ehlale ivela yokuthi abasebenzi bakulesi sibhedlela kubalwa nodokotela bayahlukumezeka, njengoba kuthiwa bamanqika ukukhuluma ngeziwombe zokungaphatheki kahle ngenxa yokuthi bangase bahlukunyezwe ngabaphathi babo.

Lokhu kuvezwe yinhlangano yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA) KwaZulu-Natal, nenyunyana yabasebenzi iPSA esifundazweni.

Lezi zinhlangano zisho lokhu emva kokushona kukaDkt Alulutho Mazwi, obeyithwaswa, okuthiwa uvele wawa, washona esemsebenzini kulesi sibhedlela kulandela ukubika ukugula.

Kuthiwa ushone emuva kokubika ukugula komunye wabaphathi bakhe, okuthiwa umphoqile ukuthi eze emsebenzini nakuba engaphilile.

Lo mphathi kuthiwa umiswe isigubhukane emuva kwalesi sehlakalo esenzeke ngoMsombuluko.

UMnuz Mlungisi Ndlovu wePSA, ukhale ngokuthi baphethwe kabi odokotela abasafunda njengoba abanye baze bagule bephethwe wukhwantalala.

Uthe bathole ukuthi wonke umuntu ngumazimele kulesi sibhedlela ikakhulu abasaqeqeshwa.

"Lesi sibhedlela sinabahlengikazi abangu-28 abasemalivini okugula ngenxa yokhwantalala. Sithole ukuthi uMazwi uqale emsebenzini ngoJanuwari nonyaka, uneminyaka engu-24, kanti uma sikhuluma nonina uveze ukuthi nguyena muntu abebethembele kuyena ekhaya," kusho uNdlovu ekhuluma nesiteshi sethelevishini iNewzroom Afrika izolo.

Uthe odokotela abasaqeqeshwa bathe bayayekelelwa ukuthi bazisebenzele bodwa, okuyinto engavumelekile ngokomthetho.

"Ngikhuluma nonina ubengaphathekile neze kahle ngalesi sehlakalo. Lesi sibhedlela siyaziwa ngokuthi baphathwa kabi abasaqeqeshwa, ungabuza ngisho abadlule kusona. Sifuna umengameli wezwe angenelele ezintweni ezenzeka kulesi sibhedlela," kusho uNdlovu, othe umphathi kaMazwi umisiwe.

Uthe kade beyikhuluma indaba yalesi sibhedlela kodwa benganakwa beyiPSA, wathi kulesi sibhedlela abafuni abasaqeqeshwa bakhulume ngokuhlukumezeka kwabo ngisho enyunyaneni.

USihlalo weSAMA KwaZulu-Natal, uDkt Zanele Bikitsha, uthe umisiwe lo dokotela emva komhlangano ababe nawo nobuholi besibhedlela izolo.

“Senze isicelo esiphuthumayo sokuthi asuswe lo dokotela ethimbeni lodokotela abanesipiliyoni, ababheka ukusebenza kwalabo abasafunda. Lo dokotela uqhubekile nokuxhaphaza umufi yize ebebona ukuthi uyagula. Ubemsabisa ngokuthi ngeke awasayine amaphepha aqinisekisa ukuthi ulwenzile uqeqesho esibhedlela,” kusho uDkt Bikitsha. 

Uthe bayasigxeka kakhulu isenzo salo dokotela, wathi umuntu uma ethi uyagula kufanele kuthathelwe phezulu lokho.

Uqhube wathi bayasigxeka nesenzo sokuthi udokotela asebenzise amandla akhe, ukusabisa osafunda ngokuthi uzomkhipha ekuqeqeshweni ngenxa yokuthi uveza ukuthi akaphilile.

Uthe emhlanganweni baphinde baveza ukuthi bazolandelela ukuthi odokotela abasafunda, baphathwa kanjani kulesi sibhedlela.

"Engikuqaphelile wukuthi odokotela abasafunda bamanqikanqika ukuphumela obala, bakhulume ngeziwombe zokuhlukunyezwa, basaba ukuthi bazoba abagilwa abalandelayo," usho kanje.

Ubalule ukuthi isenkulu inkinga yokushoda kwabasebenzi ezibhedlela njengoba bethole ukuthi eMshiyeni, uma umuntu enenkinga, engeke akwazi ukuza emsebenzini, kufanele athole umuntu ozombambela. 

Ukhale ngokuthi lokhu okwenzekile kuveza isithombe sento abahlale beyikhalela yokushoda kwabasebenzi ezibhedlela zakuleli.

Kuthintwa unina kamufi, kuzwakale ngesikhathi ekhuluma ukuthi uyakhala, wacela ukubuye ashayelwe, ethi ukwadokotela. Kuthe eseshayelwa, ucingo bese lunqamuka, wathi usemgwaqweni. Emva kwalokho ugcine engasalubambi.

UDkt Bikitsha uveze ukuthi unina kamufi akekho esimeni esikahle ngoba ubuholi besibhedlela bumphindisele emuva kabili, buthi kukhona amaphepha ashodayo ukuze kulungiswe izinto eziphathelene nokushona kukamufi.

Uthe lokhu kuyamhlukumeza emoyeni njengoba besuka esifundazweni i-Eastern Cape. 

IDemocratic Alliance KwaZulu-Natal, ithe ifuna kuphenywe kabanzi ngezinsolo ezivele emva kokufa kukaDkt Mazwi. 

UDkt Imran Keeka weDA uthe: “Uma kuvela ukuthi lezi zinsolo ezishiwoyo ngokufa kukaDkt Mazwi ziyiqiniso, kufanele athathelwe izinyathelo lo dokotela.”

Uthe phakathi kwezinyathelo angathathelwa zona wukuvulelwa icala lobugebengu emaphoyiseni, aphinde abikwe ngendlela yakhe yokuziphatha kwiHealth Professions Council of South Africa (HPCSA) noma axoshwe unomphelo ekusebenzeleni izikhungo zikahulumeni.

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uvele wayishaya indiva eyezinsolo eziyamene nokufa kukaMazwi.

Ukhiphe isitatimende esizwakalisa ukudabuka ngokufa kwezisebenzi ezine ezikhungweni ezehlukene esifundazweni, kubalwa nesokufa kwakhe uMazwi.

Isitatimende somnyango sithe, bathole izindaba zokushona kukaDkt Siyabonga Zulu obesebenza esibhedlela iNgwelezane ngeSonto.

“NgoMsombuluko, umnyango uphinde walahlekelwa wuDkt Alulutho Mazwi, obesebenza esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial (eMlaza). Izindaba ezimbi ziqhubekile nangoLwesibili, ngokudlula emhlabeni kukaMnuz Mvelo Cele obesebenza esibhedlela ePort Shepstone,” kusho umnyango. 

Uthe isehlakalo sesine kube esokushona kuka Dkt Tumelo Kgaladi, obesebenza esibhedlela i-Addington, oshonele ekhaya, eClare Estate, eSydenham.