UTHWELE kanzima umndeni waKwaCaluza, eMgungundlovu, osuhleli etendeni emuva kokuthi iloli iphaphalaze yagibela phezu kwendlu yayibhidliza.
UNkk Lindelwa Mdluli (51), osinde ngokulambisa ngesikhathi iloli iphuma emgwaqweni izongena endlini ngoLwesine olwedlue, uthe namanje akazi ukuthi usinde kanjani ngoba wayesegcekeni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Uthe wayephuma kokha amanzi ngesikhathi ebona imoto iqonda egcekeni lakhe ize iyobhajwa phezu kwendlu.
“Ngayibona iqhamuka indiza iloli izongena egcekeni, ngabaleka ngamemeza omakhelwane. Ngenhlanhla endlini bekungekho muntu ngoba izingane bezisesikoleni,” kuchaza uNkk Mdluli.
Uthe umshayeli weloli, owaphuma engenamyocu kule ngozi, ubatshele ukuthi iloli yaphelelwa amabhuleki wahluleka wukuyilawula.
UNkk Mdluli uthe bathwele kanzima njengoba kucekeleke yonke into ebikhona ngaphakathi endlini futhi bekusalokhu kunenkinga yokuthi iloli lisahleli phezu kwendlu nokwenza kube nzima nokubheka izinto ezingaphuma.
Uthe bebesazama ukuthola umuntu ongabasiza ukuze isuswe iloli babheke izimpahla zabo okungenzeka ukuthi zisindile.
Ngokusho kwakhe izingane zakhe ezine ezisafunda zithole usizo lwezingubo komakhelwane. Uthe emuva kokuthi kwenzeke lesi sigameko bathole usizo lwetende nokudla ophikweni lwezinhlekelele.
Ukhale ngokuthi umnikazi weloli akakaze afike azoxoxa nabo bewumndeni.
UNkk Mdluli uthe umnikazi weloli uyaye azidlulele nje abuke kodwa angakhulumi lutho nabo.
Uthe bafisa sengathi amaphoyisa angangenelela abasize kulolu daba.
Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa avule icala lokushayela budedengu emuva kokuthi iloli iphaphalaze yangena emzini womuntu. Ukuqinisekisile ukuthi akekho umuntu okubikwe ukuthi ulimele kulesi sigameko.