USALE uhlephukile umshini wemali oseMondlo eVryheid emuva kokuqhunyiswa yizigebengu kodwa amaphoyisa athe ayikho imali ethathiwe
SEBETHUKILE abantu baseVryheid emva kokuqhunyiswa komshini wemali ongaphandle esitolo esiseMondlo, ngoLwesihlanu.

Abantu abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukungadalulwa bathe izigebengu eziqhumisa imishini yemali kubonakala zithutheleka eVryheid kwazise ngo-Agasti 1 bekuqhunyiswe imishini yemali esePosini.

“Kuqhunyiswe umshini wemali oseMangweni (okuyisitolo esiseMondlo) ngoLwesihlanu. Sisola ukuthi izigebengu zemali sezithutheleke kule ndawo yangakithi ngoba ekuqaleni kuka-Agasti abahola impesheni abayitholanga imali ePosini eVryheid ngenxa yezigebengu ezaziqhumise imishini yemali,” kusho omunye wabantu.

Bathe ngoLwesihlanu, babona amadoda abangawazi ephuma emotweni encane emhlophe, asika ukhiye wesango lasesitolo aqonda emshinini wemali.

Bathe amadoda aqhumisa umshini kodwa aphazanyiswa wukufika kwamaphoyisa.

“Bekugcwele amaphoyisa okuthiwa abhekele amabhomu eNewcastle naseMgungundlovu ehambisana nawalapha eMondlo. Asazi aphelelephi amadoda ngoba abaleka uma ezwa umsindo wezimoto zamaphoyisa,” kusho abantu.

UCaptain Nqobile Gwala, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi kuqhunyiswe umshini wemali eMondlo, Section A.

“Amaphoyisa aseMondlo aphenya icala lokuqhunyiswa komshini wemali emuva kokuqhunyiswa komshini esitolo esiseMondlo, Section A ngoLwesihlanu. Lokhu kwenzeke ngabo-2 ntambama, ayikho imali ethathiwe emshinini futhi akulimalanga muntu,” kusho uCapt Gwala.

Ngo-2015, iSouth African Banking Risk Information Centre (Sabric) yathi ukuqhunyiswa kwemishini yemali kudla uR40 million ngonyaka.

Isikhulu esiphezulu seSabric, uNkk Kalyani Pillay, sithe ukuqhunyiswa kwemishini kuyabakhathaza futhi amabhange ahlale eziqinisa ezokuphepha kule mishini.

Uthe basebenzisana namaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi uyaphela lo mkhuba.