BASALE dengwane odado baKwaMashu abasizwa ngabasebenzi abawelisa izingane emgwaqweni ngoLwesihlanu. Lokhu kwenzeke ngoba abasebenzi belaxaze umsebenzi baqhinqa ehhovisi bekhononda ngokuthi amaphepha abo akhombisa ukuthi basebenzile awasayiniwe, okusho ukuthi ngeke bahole.
Odado abafunda ezikoleni zamabanga aphansi bebevika izimoto ngoba ababawelisayo bebethi ngeke babawelise bengakacaciselwa ukuthi yini elibazise amaphepha asayinwayo, akhombisa ukuthi basebenzile.
Bathi bathole ulwazi lokuthi yize amaphepha bawathumela esiteshini samaphoyisa kamasipala ekupheleni kukaDisemba, aze afinyelela ehhovisi lakwandabazabantu ngoLwesithathu.
Omunye walaba basebenzi ongathandanga ukudalulwa igama ngoba esabela ukuhlukunyezwa, uthe kwandabazabantu batshelwe ukuthi bazoze bahole ekupheleni kukaFebhuwari ngoba amaphepha abo afike sekudlule isikhathi sokusayina.
“Imali kaDisemba iyona eba ngcono ngoba sisuke sisebenza ebhishi, iyasisiza ukuthi sithenge izinto zezingane zesikole. Kuyaqala ukuthi sitshelwe ukuthi sohola ngoFebhuwari. Asikwazi-ke ukubeka impilo yethu engcupheni siyovika izimoto elokishini siphephisa izingane, ekubeni uma sekumele sithole umvuzo kuyakhonjwana mayelana nokuthi amaphepha ethu alibale kuphi,” kusho umsebenzi.
Uqhube wathi ngokujwayelekile basebenza KwaMashu, kodwa ngoDisemba babesebenza ebhishi okubenza badinge imali yokugibela. Leyo mali uthe bayibolekile benethemba lokuthi bazoyikhokha ekupheleni kukaJanuwari.
“Kuzosha imizi yethu abantu esibakwetelayo becabanga ukuthi sibaleka nemali yabo. Kwake kwenzekaphi ukuthi uthi uqashwe ngokugcwele kuthiwe ngeke uhole, uyohola ngenyanga elandelayo. Kudlalwa ngathi ngoba sihluphekile, ababehleli namaphepha ethu emahhovisi bengawasayini bona bazohola. Ibuhlungu lento eyenziwa ngabantu abasezikhundleni ngoba bayazi ukuthi noma bangenza iphutha, eyabo imali bazoyithola. Uma siyobuza emahhovisi ukuthi kwenzekeni siphenduke izilima abanye besibuza ukuthi ubani owathi siqashwe ngaphansi kwamaphoyisa kamasipala ngoba asiwona amaphoyisa. Abanye bethi kade senzani ngoDisemba ngoba bekuvaliwe ezikoleni,” kulandisa umsebenzi.
USenior Superintendent Parboo Sewpersad okhulumela amaphoyisa kamasipala uvumile ukuthi kube nemashi esiteshini samaphoyisa kamasipala KwaMashu, abawelisa izingane bethi kuthiwe ngeke bahole.
Uthe amaphepha abo akhombisa ukuthi bebesebenza ngoDisemba asefikile kubaphathi futhi asayiniwe kodwa ngeke agxile emininingwaneni yokuhola.