USolwazi Bonke Dumisa, oneziqu zomnotho, ezomthetho nezinye eziqinisekisiwe, uthe indaba yabantu abaqamba amanga ngeziqu kufanele isukunyelwe ngoba isivamisile ukwenzeka.
UDumisa ukhulume kanje ngesikhathi ephawula ngokuba yinsakavukela umchilo wesidwaba ukuqamba amanga ngeziqu zemfundo ephakeme kuleli.
Uthe ukuqamba amanga ngeziqu kuyamcwilisa osuke ekwenzile ngoba ngaphambi kokuqamba amanga usuke ehlonishwa, kucashunwa izinkulumo zakhe emaphephandabeni, emenywa nasemicimbini yezingcithabuchopho kodwa uma sekuvela ukuthi uqamba amanga akabe esabizwa ndawo.
Muva nje intokazi ebihlonishwa kwezomnotho ibuye ibe sethimbeni eliyisipesheli eliluleka uMengameli Cyril Ramaphosa ngezomnotho, u“Dkt” Thabi Leoka kuvele ukuthi waqamba amanga ngeziqu zakhe zobudokotela.
Le ntokazi ibihlonishwa ngemibono yayo yokuthuthukiswa komnotho kanti ibize ihlale emabhodini ezinkampani ezinkulu okubalwa kuzo iRemgro, MTN, Netcare, Anglo American Platinum nezinye.
Emuva kokuvela kwemibiko yokuthi ayinazo iziqu zobudokotela, ibonakala isula emabhodini ahlukene kanti ithe iphesheya kwezilwandle lapho iyolashwa khona njengoba ingaphilile kahle.
Isolezwe lithole ukuthi eRemgro ibithola imali elinganiselwa kuR103 000 uma ihambela umhlangano, eNetcare yenza uR583 000, e-Anglo American Platimun yenza uR1 036 880 22 ngonyaka wezimali ka-2022.
Yize le ntokazi ingafuni ukuphumela obala ukuthi inazo yini iziqu zePHD kwi-Economics, eyayithe yazithola eLondon School of Economics (LSE), okwamanje le nyuvesi ithe ayikaze yenze iziqu zePHD yagcina ngeze-Masters.
Akusiye yedwa uNksz Leoka owaqamba amanga ngeziqu zakhe njengoba nomakadebona we-ANC, uMnuz Pallo Jordan, kwatholakala ukuthi akanazo iziqu zobudokotela zaseLSE, uCarl Niehaus naye owayeyilungu le-ANC kwatholakala ukuthi akanazo iziqu zobudokotela ayethe uzithole eNyuvesi yase-Utrecht.
Owayeyisikhulu esibhekelele ukusebenza kweSABC, uMnuz Hlaudi Motsoeneng, kwatholakala ukuthi akanawo umatikuletsheni. Kuyimanje kunomdonsiswano oqhubekayo phakathi kwakhe nale nhlangano wokuthi akhokhe le mali.
Owayekhulumela amaphoyisa, uMnuz Vincent Mdunge, naye kwatholakala ukuthi akanawo umatikuletsheni waze wadonsa ejele.
OwayewuSihlalo weBhodi leSABC, uNkk Ellen Tshabalala, kwatholakala ukuthi waqamba amanga ngeziqu ze-BCom ayethi uzithole e-Unisa. Usomabhizinisi owake waphatha izinkampani zamabhanoyi, iSouth African Airways neMango, uMnuz Nico Bezuidenhout, kwatholakala ukuthi ubenza le misebenzi ngo-matric kuphela njengoba engazange aziphothule iziqu zemfundo ephakeme.
Ngokomthetho iNational Qualifications Framework Amendment Act ka-2019, umuntu oqamba amanga ngeziqu zakhe angabhadla ejele iminyaka emihlanu.
ISouth African Qualifications Authority (Saqa), eqinisekisa iziqu zabo bonke abafuna ukusebenza kuleli, ithe izinkampani kufanele ziqinisekise iziqu zabantu ngaphambi kokubaqokela ezikhundleni.
ISaqa iziklelisile iziqu zabasebenza kuyona kanti ithi lokhu kwenzelwa ukuthi umphakathi uyithembe njengenhlangano ebhekelele ubunjalo beziqu zemfundo ephakeme.
Ithe inohlu lwabafundile ezikhungweni zemfundo ephakeme kuleli nasemazweni angaphandle.
Iveze ukuthi kuwumsebenzi wawo wonke umuntu ukuthi abike uma kunoqamba amanga ngeziqu zakhe.
Umkhuba wokuqamba amanga ngeziqu ithe wenzeka emhlabeni jikelele ngakho wonke umuntu kufanele ahlale eqaphile.
Ibalule ukuthi izinkampani yizona okufanele zijezise abasuke beqambe amanga, zisebenzise umthetho wokuthi baboshwe babhadle ejele noma bahlawuliswe.
Abafuna ukuqinisekisa iziqu bangangena kwiwebsite yeSaqa ethi www.saqa.org.za
Yize uDumisa ethe akaqondi ukuthi kungani abantu beqamba amanga ngeziqu zabo, ubalule ukuthi ukuhlala emabhodini ezinkampani ezizimele kuhambisana nemali ngakho kungenzeka ukuthi abaqamba amanga basuke bezigqwabela imadlana.
Udonse ngendlebe abaqashi, izinhlangano zomphakathi nezinkampani ukuba ziziqinisekise iziqu zabantu abasuke beqokelwa ezikhundleni ezithile ngoba lokho kuba nomthelela ekuphathweni kwezinkampani nezikhungo ezihlukene.
UDumisa uzibhalile iziqu anazo nokuthi wazithola kumaphi amanyuvesi.
UDkt Mafu Rakometsi, wenhlangano ebhekelele izingabunjalo lika-matric, Umalusi, uthe kufanele bonke abantu bakuleli bahlale beqaphile njengoba bona beqinisekisa ukuthi abakokotela u-matric bayaboshwa.
Kulo nyaka uRakometsi uveze ukuthi kuboshwe abawu-11 ngokudayisa nokuthenga izitifiketi zika-matric.
Ubalule ukuthi uma bezwa ukuthi kunezindawo lapho kudayiswa khona izitifiketi zika-matric, basukumela phezulu ukuze abenza lo mkhuba basheshe baboshwe.
Ngisho kubhalwa ezikoleni, uRakometsi uthe basuke besiqaphe ngeso lokhozi isimo ukuze abakopelayo bangeke bayithole imiphumela yabo ka-matric.
Abafundi abasuke bekopelile baye bamiswe iminyaka emibili bengazibhali izivivinyo zika-matric. Lokhu kwenzelwa ukuvimba nalabo abasuke besacabanga ukwenza lo mkhuba.