BAPHUME ngebheyili uJabulani “Cashflow” Ngcobo nomngani wakhe, uMzabalazo Dlamini. Le bheyili izohlala kuze kube kuphothulwa ukulalelwa kwesicelo sabo sokudlulisela eNkantolo eNkulu amacala okukhwabanisa abagwetshelwe wona.
UCashflow noMzabalazo bagwetshwe eThekwini ngo-Ephreli 18 ngamacala athinta ukukhwabanisa imali yabantu. Badume ngokuthi banebhizinisi elikhulisa imali.
Bagwetshwa iminyaka eyisithupha, emibili yalengiswa. Bahlawuliswa noR200 000 owalengiswa ngombandela wokuthi bangatholakali benecala elifanayo eminyakeni emihlanu.
Izolo bebevele eNkantolo yeMantshi eThekwini lapho bededelwe khona ngoR25 000 umuntu emunye.
IMantshi uV Naidoo (elingatholakalanga igama layo) ibayalele ukuthi babikele umphenyi wecala uma beshintsha indawo yokuhlala, basayine esiteshini samaphoyisa saseSandton njalo ngoLwesibili futhi banikeze uMbuso ama-passport abo.
UMshushisi * -Ashika Hampesad uthe uma elubheka lonke lolu daba akaboni enye inkantolo ingaphuma nesinye isinqumo ngaphandle kwesokubalahla ngecala.
Uthe laba bagwetshwe ngamacala abucayi ngakho umthetho uthi kumele baqale badonse izigwebo zabo.
Uthe futhi abafakazanga ukuphikisa izinsolo ababhekene
nazo.
Ummeli wabo, uJustice Mnisi ubikele inkantolo ukuthi kusukela icala laguqa ngo-Ephreli 18 kunezinto eziningi ezingajwayelekile
ezenzekile.
“Kunabantu abafonela imindeni yabasolwa bethi bazi abantu abazobakhipha kule nkantolo uma bekhipha imali ethize. Asibazi labo bantu,” kusho uMnisi.
Ngaphambi kokuthi liqale icala uCashflow noMzabalazo bebebukeka bekhululekile bencokola nabangani nezihlobo ebebengagcwele enkantolo.
Phakathi kwabebekhona kubalwa umlingisi weSibaya uNhlanhla “Bongani” Mdlalose, umbhali wencwadi kaCashflow uSoweto Mandlazi, umsiki wengqephu uThula Zaca nabanye abebelinganiselwa ku-10.
Omunye osethimbeni labameli babo, uThabani Mpungose uthe banethemba lokuthi bazophuma phambili ngoba icala lixovekile.
“Sasinamacala amaningi lapho esafaka khona uSection 174 (isicelo sokukhishwa phambili ecaleni uma kwentuleka ubufakazi) wasikhipha phambili kuwo. Kodwa uma esebuya esesilahla ngamacala kulawa usebuyisa namanye asikhipha phambili kuwo,” kusho uMpungose.
Uthe kunelinye icala lase-Eastern Cape kodwa liqulwa eKZN “okuyinto engafanele”.