INJABULO iphenduke usizi kubantu abadala nabagulayo abese bezitshele ukuthi bazohola ngoLwesithathu eNtshangwe kodwa babuya bulanzi ngenxa yokuthi abebezobaholela kabafikanga.
UNksz Thembisile Gumede (54), ohola impesheni yokukhubazeka, ngomunye wababuye bebhangcuzela bevela eSthumba General Dealer eku-ward 4 eNtshangwe. UNksz Gumede, osekuphele iminyaka emine engakwazi ukuhamba ngenxa yokukhubazeka, uphuthwe wuR2 400 womholo ohlanganisa nesibonelelo sabazukulu.
“Njalo uma ngizoya noma yikuphi ngiqasha imoto ngoba angikwazi ukuhamba. Nangosuku lokuhola ngisizwa wukuqasha imoto bese umuntu ngiyamkhokhela uma sengiholile. Ngibe senkingeni ngoLwesithathu ngoba ngilinde kwashona ilanga, ingafiki imoto esiholelayo,” kusho uNksz Gumede.
Uthe ufike ngo-8 ekuseni esikhungweni sokuhola, kwaze kwashaya u-2 ntambama imoto ingafiki.
“Bese sikhathele wukushiswa yilanga silindile. Ezinye izalukazi bese zigula ngenxa yokushisa kwelanga. Sizwe ukuthi izimoto ezisiholelayo zibonakele ziya kwesinye isikhungo kaMkhizwane kodwa zangeza kithina. Size satshelwa wumnikazi wesitolo esihola kuso ukuthi izimoto azisezi,” kusho uNksz Gumede.
Uthe uphindele ekhaya elambatha, waxolisa nakumnikazi wemoto abeyiqashile asemkweleta ngenxa yokungaholi.
UNksz Gumede uthe kufika usuku lomholo evele eselinde wona ngoba kusuke kungasekho lutho nasendlini.
Uthe babuye belambatha nomunye umakhelwane wakhe abahola naye.
Okhulumela abakwaSouth African Social Security Agency (Sassa) esifundazweni, uMnuz Mbizeni Mdlalose, uvumile ukuthi kuyaholelwa kulesi sikhungo. Uthe ngokwazi kwakhe abantu bayatshelwa uma kunezinguquko kodwa kulokhu okube yinkinga ukushintsha kosuku lokuhola. Uthe lokhu kudalwe wukuthi sekunosonkontileka omusha oholelayo.
“Isikhungo siyaqhubeka nokuholela kodwa kushintshe usuku lokuhola kuphela. Kumele baye esikhungweni ngomhlaka 17 kuyona le nyanga ukuze bahole. Kungenzeka ukuthi abezwanga ngalezi zinguquko zezinsuku zokuhola. Kusekhona abanamakhadi amadala akwaCPS okungenzeka ukuthi bebethenjiswe ukuholelwa yibona. Singeke sikwazi-ke ukungena kulokho,” kusho uMdlalose.