Izindaba

‘Baphikwa uhlelo abakwaGrade R abangakaholi’

Published

INational Teachers Union (NATU) okuyinhlangano yothisha inemashi eMkhanyakude Education District Office, eMkhuze, mayelana nodaba lothisha bamabanga aphansi (Grade R) osekuphele izinyanga eziningi bengaholi.

Image: FACEBOOK/Manguzi Region

LUNGANI ZUNGU noSABELO MBATHA

SEBEPHUMELE obala abanye othisha bakaGrade R KwaZulu-Natal, baphikisa okushiwo uNgqongqoshe Wezemfundo esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, emva kokuba ethe sebeyithole bonke othisha baleli banga imiholo yabo ebisilele.

Kodwa, othisha bakuphikile okushiwo uHlomuka bamusola ngokudukisa umphakathi. 

Esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu, ebesibizwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uHlomuka umemezele ukuthi umnyango usubakhokhele bonke othisha bakaGrade R obekufanele bahole ngo-Ephreli. 

Uthe ukubambezeleka kudalwe ukwehluleka ukuvuselela izinkontileka zothisha bakaGrade R ngaphambi kokuphela konyaka wezimali. 

"Maqondana nothisha bakaGrade R, kube nenselelo ngoba asizivuselelanga izinkontileka zabo ngaphambi kokuphela konyaka wezimali, lokhu, ngeshwa, okuphazamise ukukhokhwa kwemiholo ngoba bezingekho izinkontileka," kusho uHlomuka. Kodwa lokho sesikuxazululile manje, futhi bonke bakhokhelwe namuhla (ngoLwesithathu)," esho. 

Kodwa, abanye othisha bakaGrade R bakuphikisile okushiwo ungqongqoshe. 

UNksz Nonhlanhla Zuma, osefundise uGrade R iminyaka engu-10, uthe :“Kushiwo ungqongqoshe kuqhelelene neqiniso. Kungamanga uqobo. Siyalamba futhi sithwele kanzima ngoba asikaholelwa. Kungani umnyango usiphatha ngale ndlela? "

Uveze ukukhathazeka, wathi akasakwazi ukukhokhela imali yemoto yesikole yendodakazi yakhe okanye yesikole ngenxa yokungaholelwa. 

Phezu kokuba nesipiliyoni seminyaka engu-10, uNksz Zuma, njengabanye, usasebenza ngenkontileka evuselelwayo ehlala ibambezeleka ngenxa yezinkinga zasehhovisi. 

Omunye uthisha onesipiliyoni sokufundisa seminyaka engu-14, uveze ukukhathazeka kwakhe encwadini ayithumele iDaily News esesitebeleni esisodwa naleli phephandaba. 

Echaza, :"Imina obeka isinkwa etafuleni emndenini wami. Ngaphandle komholo, akukho ukudla noma into yokuhamba kwezingane zami. Kuphula inhliziyo. Umnyango awusikhathalele. Futhi singabesifazane kulo mkhakha, sibhekene nezinselelo ezinkulu." 

Uqhube wathi, emva kweminyaka engaphezulu kwengu-10 ekulo mnyango, usalokhu eyitoho, engabanjelwa imali yempesheni, okuvusa ukukhathazeka ngekusasa lomndeni wakhe uma eshona. 

Uthisha wesithathu ofundisa uGrade R waseThekwini, uveze ukunganeliseki wathi,  "Ungqongqoshe uqambe amanga.  Iningi lethu, okuhlanganisa nami, asikatholi ngisho isenti. Lokhu kuwukuphathwa kabi okukhulu. UNdunankulu kufanele angenelele aphoqe Umnyango ukuba uchaze."

Uthisha, ocele ukuba angadalulwa, uxwayise ngokuthi uma amaholo abo engakhokhwa ngoMsombuluko, yena nabanye bazongenela isiteleka. 

"Singaqhubeka sisebenze kanjani sibe siphathwa ngale ndlela? Akulungile futhi izingane nabazali abazolimala ekugcineni uma singama ukusebenza,” usho kanje.

Ukubambezeleka kokuholelwa sekuqubule ukucasuka kothisha, kwashiya abanye besesimweni sezimali esibi.

Izinyunyana zothisha, iSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) neNational Teachers Union (NATU), sezinxuse ukuthi kube khona abaphendulayo, zahlaba ikhwelo kuNdunankulu uNtuli ukuba akhombe indlela uNgqongqoshe Hlomuka njengoba kunezinkinga kuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Okhulumela umnyango esifundazweni, uMnuz Mlu Mtshali, uthe ngokwazi kwabo bonke othisha bakaGrade R izinkontileka zabo ezivuselelwe sebeholile.

"Ngeke sikuphike ukuthi kungabakhona abangakaholi ngenxa yokuphikwa uhlelo olusetshenziswayo ngezizathu ezihlanganisa iminyaka yobudala okufanele kubekhona isincomo esenziwayo uma kuvuselelwa izinkontileka zabo," kusho Mtshali.

Uthe labo abathi abakaholi bangaya emahhovisi ezifunda zabo bayobika ukuze basizakale. 

"Nathi sizimisele ukubasiza uma bengeza baveze izinombolo zokuqashwa,"