ISITESHI esidlala kwiDSTV, iMoja Love sinxusa abafuna ukubhonga emswaneni emva kokushona komunye wabasunguli baso, ukuthi kuhle banikele kwinhlangano abeyikhathalele.
IMoja Love edlala kuChannel 157 ikhiphe isitatimende ngoLwesibili ebusuku, ibika ukuthi ushonile uDkt Vuyo Mahlati. Isitatimende sinxusa abantu ukuba esikhundleni sezimbali nemiyalezo yenduduzo, kuhle banikelele kwiThe South African Women in Dialogue Trust.
UDkt Vuyo, igama abaziwa ngalo, uchazwe njengomunye wabafaka isandla kusungulwa iSiyaya TV neMoja Love. Umndeni wakhe ucela ukunikezwa isikhathi sokuzila ngasese.
Kuthiwa umngcwabo wakhe, olungadalulwanga usuku lawo, uzothanyelwa ngumndeni kuphela.
Ngemva kwawo kuzohlelwa inkonzo yesikhumbuzo evuleleke emphakathini. UMengameli Cyril Ramaphosa udlulise amazwi endunduzo kumndeni kaMahlati.