Mbali Khanyile
Umndeni waseMawelewele, ngasePinetown, uthi sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 uhlala kule ndlu. Inkinga kuthiwa isuswe ngelinye ilungu lawo ebelingahlali nawo. Kuthiwa ladayisa indlu yomxhaso lashiya abebehlala kuyona besenkingeni. Isimo siqale ukuba sibi ngemuva kokungena kukamakhelwane okuthiwa uhlalise lubhojozi wonke umuntu akhelene naye.
UNksz Fikile Ndlovu (58) othi wazalelwa kuwo lo muzi uthi abasazi ukuthi bangaluthola kuphi usizo ngoba nekhansela sebeke balibikela kodwa bangasizakala.
“Okungiphatha kabi wukuthi asicatshangelwanga kulesi sinqumo esithathwa ngumakhelwane wethu okuminyaka emithathu efike endaweni. Unqume ukubiya aze agamanxe ekhaya. Kumanje asikwazi kwakungena kule ndlu njengoba sivaleleke ngaphandle,” kuchaza uNksz Ndlovu.
Eqhuba uthe kuningi angakuqondi ngenkinga ababhekene nayo njengoba nomzala wabo owadayisa indlu engacacisi ukuthi ukale wagcina kuphi ngesikhathi edayisa umxhaso.
Isolezwe lifike lazibonela inkinga obhekene nayo lo mndeni.
Phakathi kwezinye izinkinga esezisuse udweshu kulabo makhelwane, wukuvalwa kwephaseji ngumakhelwane obiyele konke okuseduze komuzi wakhe. Iphaseji alibiyele lisetshenziswa ngomunye umakhelwane uma engena ngemoto. Kuthiwa echaza isizathu sokulivala uthe ugwema imigulukudu ecasha emaphaseji, nabantu abakhonze ukujolela kuwona.
Ethintwa uNksz Silindile Ndlovu (34) owadayisa indlu uthe inkinga ayisuswanga nguye kodwa iqale emuva kokubiywa kwendlu ayidayisa.
“Ngesikhathi besazobona umuzi oDlamini ( umakhelwane), ngabakhombisa ukuthi igceke lendlu lihamba ligcine kuphi. Osaveya abazimele abaqhamuke noshintsho ekukalweni kwegceke,” kulandisa uNksz Ndlovu othe yena akukho asengakwenza.
Kuphinde kwavela ukuthi ikhansela lendawo kalibenzanga ubulungiswa kulolu daba njengoba lingakaze lizihluphe ngokusiza selokhu kwasuka udweshu phakathi komakhelwane.
Umakhelwane okukhalwa ngaye okuthiwa uvale iphaseji lokudlula ubengekho, umuzi wakhe uvaliwe .
UMnuz Sthembiso Dlamini okubikwa ukuthi ubiye igceke lakhe waze wangamanxa ezindaweni zomakhelwane bakhe, uthe emuva kokubona sekusuka umsindo ngesikhathi ehlela ukubiyela, wazama ukukhuluma nomakhelwane ngenhloso yokuthi bavumelane ngendlela eyayizojabulisa wonke umuntu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Ngihambe ngaze ngafika emahhovisini kamasipala ngoba ngibalekela ukulwa. Inhloso yami bekuwukuthola i-map ecacisayo ngezikhonkwane. Nangempela bafika osaveya bezokwenza umsebenzi wabo kwabe sekucaca-ke sekukhuluma imishini yabo ukuthi izikhonkwane zimi kanjani,” kuchaza uDlamini.
Imizamo yokuthola ikhansela ayiphumelelanga njengoba ucingo lwalo belukhala lungaphendulwa.
Ethintwa uMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku uthe akuthunyelwe i-e-mail ukuze bakwazi ukulandelela udaba.