UBUHOLI be-ANC bunqunyelwe ugwayi katiki ukuba buhlakaze isigungu senhlangano esisanda kukhethwa kwisifunda, iMoses Mabhida.
Amalungu enhlangano angeneme, asabisa ngokuya enkantolo uma ubuholi be-ANC behluleka ukuhlakaza ubuholi besifunda obukhethwe engqungqutheleni ebingenyanga edlule.
Kule ngqungquthela kukhethwe iMeya kaMasipala uMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, njengosihlalo we-ANC kulesi sifunda. Iphini lakhe kwaba nguMnuz Nhlakanipho Ntombela, oyiMeya yaseMkhambathini.
IMeya yaseRichmond, uMnuz Samora Ndlovu, ikhethwe njengonobhala.
Encwadini yabameli, i-ANC inikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuba ihlakaze lobu buholi. Incwadi ithunyelwe koyiPhini likaNobhala jikelele we-ANC, uNkk Jessie Duarte, ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal nobuholi obukhethwe eMabhida.
Kule ncwadi ebhalwe ngabameli iNtanzi Attorneys, amalungu e-ANC anganelisekile akhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuhlelwa ingqungquthela. Bathi ithimba lesikhashana ebelihola i-ANC kulesi sifunda, belingenalo igunya lokuhlela ingqungquthela ngenxa yokuthi bese liphelelwe yisikhathi.
Leli thimba lakhethwa ngemva kokuba kuhlakazwe ubuholi besifunda ngo-2018.
"Ngokomthetho we-ANC ithimba lesikhashana kufanele liphathe izinyanga eziyisithupha kuphela. Leli bese liphathe isikhathi eside kakhulu, lokho okuphambene nomthetho weqembu."
La malungu aphinde akhale ngokuthi kunamagatsha angu-21 avunyelwa ukuba abe yingxenye yengqungquthela yize kwakunezikhalo ezazingakaxazululwa kuwona.
"Umthetho ukubeka kucace ukuthi uma kunezikhalo ezingakasonjululwa, lawo magatsha akufanele avunyelwe ukuba amalungu awo avote engqungqutheleni."
Kukhalwa nangendlela okwaqokwa ngayo abazomela i-ANCYL Kule ngqungquthela.
Bathe ukuvunyelwa kwamalungu amagatsha e-ANC Youth League ukuba avote kule ngqungquthela, esikhundleni samalungu ethimba lesikhashana elihola i-ANC Youth League kulesi sifunda, kuphambene nomyalelo owakhishwa ithimba lesikhashana elihola uphiko kuzwelonke.
“Incwadi ikubeka kucace ukuthi amalungu amagatsha angafakwa kuphela uma kuwukuthi amalungu ethimba lesikhashana kawekho.”
Incwadi ithi uma zingaphendulwa ngokushesha izikhalazo, kudlulelwa enkantolo.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe bazobhunga ngencwadi emhlanganweni wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC esifundazweni, ngoMsombuluko.
UNtombela uthe i-ANC ayikwazi ukuphendulana nabameli, ikhuluma kuphela namalungu enhlangano.