UMNYANGO wezeMpilo sewufakele abasebenzi basemakhazeni aseMgungqundlovu ingcindezi yokuthi babuyele emsebenzini emuva kokuthi bedube ukusebenza.
Lokhu kulandela umbhidlango wabasebenzi basemakhazeni okubalwa kuwo iFort Napier, Park Rynie, nePort Shepstone wokuhudula izinyawo noholele ekutheni eminye imindeni ingakwazi ukufihla izihlobo zayo.
Ngesonto eledlule abasebenzi basemakhazeni aseFort Napier bagcine sebebeka phansi amathuluzi ngoba bethi bafuna izimpendulo ngezikhalo zabo. Abasebenzi bebekhala ngezinto ezahlukene okubalwa kuzo ukungasebenzi kwama-air-conditioner, ukungakhokhelwa kwabo imali ehambisana nomsebenzi abawenzayo, ukunganikwa umfaniswano nokunye.
Izolo uMnyango wezeMpilo unike laba basebenzi umyalelo wokuthi baphindele emsebenzini noma babhekane nokuboshwa izinsuku ezingu-30 ngokungahambisani nemiyalelo yenkantolo.
Ngokusho komnyango lokhu kulandela ukuhluleka kwawo izikhathi ezahlukene ukuncenga laba basebenzi ukuthi babuyele esimeni esejwayelekile sokusebenza.
Umnyango uthe sewuthole incwadi yokugcina evimbela abasebenzi ukuthi bangasingeneli isiteleka esingekho emthethweni.
“Umnyango sewunike abasebenzi ithuba lokuthi babuyele emsebenzini namuhla (besho izolo) futhi uyasibhekisisa sonke isimo esikhona. Uma abasebenzi behluleka ukubuyela emsebenzini ngokujwayelekile umnyango ngeke ube nayo enye indlela ngaphandle kokuthi ucele ijaji ukuthi uvumele ukuthi kulandelwe umthetho ohambisana nokujeziswa kwabasebenzi abangenela isiteleka esingekho emthethweni,” kusho isitatimende somnyango.
Bathe sebeqalile ukwenza izinhlelo zokulungisa ezinye zezikhalo zabasebenzi kanti ezinye zilungiswa nguMnyango wezeMpilo kuzwelonke.
UNobhala wenyunyana yabasebenzi bezempilo iPublic and Allied Workers’ Union South Africa (Pawusa), uMnuz Halalisani Gumede, uthe abaqondi ukuthi umnyango ukhuluma ngani. Uthe abasebenzi bakhona emsebenzini kodwa akulula ukuthi bangasebenza ngoba umnyango uthathe izinsiza kusebenza.
Uthe ubona sengathi uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt, Sibongiseni Dhlomo, udinga umuntu ongameluleka ngoba indlela enza ngayo izinto ayikho esimeni esifanele.
Khonamanjalo, inyunyana yabahlengikazi, iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa), seyinxuse uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuthi usheshise ulungise izinkinga zabasebenzi basemakhazeni ahulumeni abathi seziphazamisa ukusebenza kwabahlengikazi.
UNobhala weDenosa eKZN, uMnuz Mandla Shabangu, uthe bakholwa ukuthi abasebenzi basemakhazeni ahlukene kulesi sifundazwe abahudula izinyawo banesizathu sokwenza lokho.
Uthe akukwazi ukuthi ngabe kuwubulungiswa ukuthi laba basebenzi bangaholelwa imali ehambisana nomsebenzi abawenzayo.
Uthe ngenxa yalo mbhidlango wabasebenzi abawubona ufanelekile sekuze kwaphazamiseka ukusebenza kwabahlengikazi.
“Uma isiguli sishona, umhlengikazi obesinakekela kufanele athathe imininingwane yaso yasemakhazeni ukuze bakwazi ukutshela umndeni (uma ubuza),” kusho uShabangu.
Uthe izidumbu azisanakiwe kanti namashalofu asegcwele ngendlela yokuthi ezinye sezigcina ziwiswa phansi abasebenzi, kokunye kubekwe esinye phezu kwesinye.
Uthe ngenxa yalokhu abahlengikazi abakwazi ukusho ukuthi isidumbu singatholakala kuphi emindenini.
UShabangu uthe uma izidumbu zifakwe kahle emashalofini umhlengikazi ufike abhale inombolo yeshalofu isiguli esifakwe kulona emuva kokushona. Lokhu kube sekwenza lula isimo uma umndeni usufika.