BANQATSHELWE ibheyili abasolwa abathathu ecaleni lokubulawa kowayeyisishoshovu se-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa.
NgoLwesibili abasolwa oMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana noMxolisi Ncalane bavele enkantolo yeMantshi eMzimkhulu. Basolwa ngecala elilodwa lokukubulala namabili okuzama ukubulala.
UMagaqa wadutshulwa ngoJulayi 13 ehamba noNksz Nontsikelelo Mafa noNksz Jabulile Msiya e-Ibisi eMzimkhulu ngo-2017.
FUNDA:
IMeya yaseHarry Gwala uMnuz Mluleki Ndobe nemenenja kamasipala uMnuz Zweliphansi Skhosana nabo baboshwa besolwa ngokuthinteka kuleli cala kodwa badedelwa ngenxa yokushoda kobufakazi.
UMnuz Lwazi Magaqa, okhulumela umndeni wakwaMagaqa uthe bajabule ngokunqatshelwa kwalaba basolwa ibheyili. Uthe bewumndeni bafuna kuboshwe nabanye abathintekayo ekubulaweni kukaMagaqa.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa KwaZulu-Natal uNkk Natasha Kara uthe abasolwa bazobuyela enkantolo ngo-31 Meyi.