ZIZOWUDLELA ejele laseWestville, uKhisimusi izelamani zakwaGovender emva kokunqatshelwa ibheyili yinkantolo ecaleni lokubulala owayengumfundi ka-matric, uMondli Majola (19) ngesikhathi sezibhelu zasePhoenix ngoJulayi nonyaka.
UNed (29) noDylan (30) Govender bavele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam namuhla.
Babhekene necala lokubulala uMondli namathathu okuzama ukubulala ayehamba nabo.
Icala lihlehliselwe uDisemba 15 enkantolo efanayo ukuze uMbuso uphothule ukuqoqa ubufakazi.
Liyobe selidluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini eliyoqulwa khona amasonto amabili ngoJulayi 2022.
Ikhipha isinqumo sayo, iMantshi u-Irfaan Khalil, incike ebufakazini obethulwa wumseshi uSergeant Siphosenkosi Shezi, eyodokotela ababili abahlola isidumbu nakwi-video eyaqoshwa ngamakhamera omuzi osemgwaqweni osePalmview, ePhoenix, okwabulawelwa khona uMondli.
Aphume enyobozela enkantolo futhi ebukeka engemnandi emoyeni amalungu omphakathi nezihlobo ebezizokweseka izelamani zakwaGovender.
Abengekho amalungu omndeni kaMondli agcina edikilile ukuya enkantolo ngenxa yokuthatha nisikhathi eside ekufinyelelweni esiphethweni sebheyili ebese kudonse izinyanga ezintathu nesigamu.
UKhalil uthe zigcwele amaphutha futhi azisho okwakwenzeka ngesehlakalo izitatimende ezifungelwe ezethulelwa inkantolo ngabasolwa, becela ngazo ibheyili.
Uthe aziqinile izizathu abebecela ngazo ibheyili futhi akukho okungejwayelekile kuzona.
Usichaze njengesinonya kanye nobugwala isehlakalo sokubulawa kukaMondli athe kungenzeka ukuthi sasigqugquzelwa ubandlululo lwangokobuhlanga.