BATHWALE kanzima ochwepheshe abebejutshwe KwaHlathi, eMnambithi, ukuzohlola “amadayimane” emva kokuthi lo mphakathi uvuke umbhejazane, unqaba ukubanikeza amasampula ngoba unovalo lokuthi kungenzeka angabuyiselwa.
Noma begcine kukhona abakutholile, kusize ubudlelwano benkosi yendawo, uMnuz Sphiwe Kunene nowesilisa wendawo, ovumile ukulinikezela enkosini “idayimane” lakhe ngethemba lokuthi inkosi ngeke imholele ophathe.
Ochwepheshe bathembise umphakathi ukuthi ngeke iphele inyanga bengabuyanga nezimpendulo ukuthi abakumbayo yidayimane noma cha.
Awuzimisele ngokusuka endaweni yawo umphakathi uma kugcina kutholakala ukuthi abakumbayo yidayimane uqobo.
Bafuna uhulumeni abeke bona phambili ezinhlelweni zokuthuthukisa le ndawo. Laba bantu sebebeke ithemba labo lokuphuma enhluphekweni kwabakumbayo.
Iningi eliqhamuka kude lilala emigodini eliyimbayo abanye balale ezimotweni abafika ngazo.
Izingane, intsha, abesifazane asebekhulile namadoda emizi yawo, babona le nto ebehlele njengenhlanhla yabo evela kuMdali ukuba azophucula isizwe sabo ebubheni obusikhungethe.
Lokhu ukubona ngolaka olubavukayo uma kukhona okubaphazamisayo noma obaphula umoya ngezinsolo zokuthi akulona idayimane abakumbayo.
Sekukhona nasebevule amabhizinisi badayisa ukudla, utshwala neziphuzo ezihlohlozayo zokubuyisa amandla njengoba kumbiwa ubusuku nemini.
Abantu abebehlukene ngamaqoqo ububafica bemba imigodi bebheka ’idayimane’ abanye ubathole emfuleni bewasha abakutholayo.
Iningi labantu livuka ngesikabhadakazi linikele kule ndawo eyiqele enamatshe nentaba, liyomba.
Bathe abafune kususwa kule ndawo ngenkolelo yokuthi abakumbayo uidayimane elizobakhipha enhluphekweni, endlaleni nasosizini lokungabibikho kwemisebenzi.
NgoLwesibili emini kufike izikhulu ebezivela ezinhlakeni zikhulumeni ezihlukahlukene ziholwa uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo eKZN, uMnuz Ravi Pillay nobuholi bendabuko, bezoxoxa nabambayo.
Bacele abantu abebemba ukuthi babambisana nophenyo lochwepheshe abavela eMnyangweni wezokuMbiwayo nezaMandla.
UMnuz Mondli Mazibuko uthe yintsha egcwele embayo okuyizinkomba zokungabi bikho kwemisebenzi. Abantu baphila ngemali yempesheni nesibonelelo sikahulumeni.
“Asifuni uhulumeni njengoba esengenelela agcine esesiphuca umhlaba wethu nesesizitholele khona. Esikutholayo kuzosiza kudale amathuba emisebenzi, kuthuthukiswe intsha,” kusho uMazibuko.
UMnuz Bhutiza Msibi uthe izikhulu zikahulumeni ziwathathile amasampula zabakumbayo ukuba ziyokuhlola. Uthe bafuna ukuhlomula uma kuwukuthi idayimane langempela.
“Isinqumo sokugcina siyophuma enkosini ukuthi kwenziwani. Kodwa sicela ukubhekelelwa ngemisebenzi uma kuwukuthi kunezinhleo zokuthuhukisa le ndawo,” kusho uMsibi.
Inkosi uKunene ikhathazekile ngezinkumbi zabathutheleka kule ndawo abangaqhelelene ngebanga. UKunene uthe ukhulumile nabantu ebaxwayisa ngobungozi bokuminyana kwabo.
“Kuyangikhathaza nokuthi laba bantu bacekelaphansi imvelo. Uma bemba bashiya kanjalo. Kunemigodi eminingi ezothwalisa kanzima imfuyo,” kusho uKunene.
U-Pillay uthe okwabo ukunika umkhombandlela ngokumele kwenzeke. Uthe senzekile isigameko esifuze lesi KwaMachi, eHarding, umphakathi uthi uhlabene ngegolide okwagcina kuvelile ukuthi kakulona.
“Sicela abantu babekezele, babambisane nathi ngesikhathi kusahlolwa amatshe atholiwe. Sithemba ukuthi akuzothatha isikhathi eside,” kusho uPillay.
UMnuz Siyabonga Vezi, imenenja ebambile KwaZulu-Natal eMnyangweni weziMbiwayo nezaMandla, uthe bayalelwe ungqongqoshe (uMnuz Gwede Mantashe) ukuthi baqale uhlelo lokuzohlola le ndawo namasampula. Uthe bazocwaningisisa bese beyabuya, bezobikela zonke izinhlaka ezithintekayo.
“Kuseva ukuthi kukhona esingakuqagela njengamanje. Kube khona amalungu omphakathi asinike amatshe athile esizowacubungulisisa bese siyababuyisela wona nombiko ogcwele,” kusho uVezi.