KUKHONA nabangu-232 abasolwa ngamacala okudlwengula, kubasolwa abangu-11 600 ababoshelwe amacala ahlukahlukene KwaZulu-Natal, ngenyanga edlule.
Lokhu kuvezwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, esitatimendeni asithumelele abezindaba.
UNetshiunda uthe kulesi sibalo kukhona nabayishumi ababoshelwe amacala okuzama ukudlwengula.
“Simi kwabangu-161 isibalo salabo ababoshelwe amacala okubulala, kuthi abangu-192 baboshelwa amacala okuzama ukubulala,” kusho uNetshiunda.
Uthe zingu-287 izibhamu ezingekho emthethweni ezitholwe amaphoyisa, wathi kuzona kukhona ezingu-16 ezinkulu.
“Abangu-182 baboshelwe amacala ayamaniswa nokubamba inkunzi kuhlonyiwe kanjalo nokudunwa kwezimoto,” kusho uNetshiunda.
Ababoshelwe amacala okushaya, nawokushaya ngenhloso yokulimaza, uthe bangu-2 521.
“Bangu-417 ababoshelwe amacala okugqekeza imizi yabantu kanjalo namabhizinisi, awokwebiwa kwemfuyo, nokweba izimoto,” kusho uNetshiunda.
Uthe ukubonakala kwamaphoyisa ezivimbamgwaqweni ezindaweni ezehlukene, kuholele ekutheni kuboshwe abashayeli abangu-535, ebebeshayela bedle amanzi amponjwana, abanye besebenzise izidakamizwa.
“Ababoshelwe amacala amayelana notshwala, okufaka phakathi ukubuphuza esidlangalaleni, ukuhweba ngabo okungekho emthethweni, ukubusabalalisa, nokubakha ngokungekho emthethweni bangu-1 161,” usho kanje.
Uveze ukuthi zingu-709 izikhali eziyingozi ezisuswe emphakathini. Kuzona kukhona imimese engu-637 nobhushu abangu-24.
Uthe ingu-131 imfuyo etholiwe, kuyona kukhona izinkomo ezingu-63, izimbuzi ezingu-51 nezinkukhu ezingu-17.
Uthe imikhankaso yamaphoyisa yokulwa nobugebengu usazoqhubeka, wathi babonga nemiphakathi ngokuba wusizo olukhulu emaphoyiseni.
Uthe olunye ulwazi oludalulwa imiphakathi lulekelela amaphoyisa ukuthi akwazi ukusheshe abambe izigebengu.