BABALELWA ku-17 abagibeli abafe engozini ebandakanya ibhasi nemoto i-SUV kuN1 ngaseMookgophong eLimpopo ngoLwesibili ebusuku.
AboMnyango wezokuThutha esifundazweni eLimpopo bathi umshayeli we-Toyota SUV uhlulekile ukuyilawula ngesikhathi iqhuma isondo yashayisana nebhasi elimumatha abagibeli abangu-22.
“Ibhasi livele lasha kwavaleleka abagibeli abangu-17 phakathi okubalwa kubo nomshayeli. Umshayeli wemoto naye ushonile ngesikhathi kushayisana izimoto. Ebantwini abayisishiyagalombili abasindile, abayisithupha balimale kabi, kwathi ababili bathola imihuzukwana,” kusho uMike Maringa okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi eLimpopo.
Kusenjalo, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uMavhungu Lerule-Ramakhanya udlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe izihlobo zayo futhi wafisela abalimele ukululama okusheshayo.
ULerule-Ramakhanya ubuye wanxusa abashayeli ukuba bahlolisise izimoto zabo ngaphambi kokuthatha uhambo.
Uthe, “Kuyakhathaza ukuthi seziningi izingozi ezidlula nemiphefumulo yabantu ku-N1.”