KUBE wubumaye maye emgwaqweni waseSigisi, eNgwelezane ngaseMpangeni, owesilisa okuthiwa akaphilile ekhanda ebulala kwasani abehlangana nalo emgwaqweni ngoLwesine olwedlule.
Lo wesilisa kuthiwa ubulale intombazane eneminyaka ewu-11, uSiyamthanda Mbatha obeya esikoleni, embamba ngesidlozana embhokoda ngommese wathulela khona lapho.
Kuthe kusabatshazwa lokho, wahlangana nomunye wesilisa ongakhulumi, Mnuz Bhekizenzo Hlongwane (60) naye wambhokoda ngommese kwalala izidumbu ezimbili emizuzwini embalwa.
Owesifazane wesithathu naye oqhamuke lo wesilisa esavukwe “yizinto zakhe”, umenze esifanayo ngommese kodwa ngenhlanhla umphakathi ubusuqoqene wakwazi ukumsiza waphuthunyiswa esibhedlela kukubi. Umphakathi obuthukuthele uzibambele kulo wesilisa, wamshaya wagcina umbulele ngokumshisa.
UMnuz Ngcebo Masuku, uyise wentombazane ebulewe, uthi kusenzima ukwamukela ukuthi indodakazi yakhe ishonile.
UMasuku uthe babizwe sekonakele kodwa ngokuthola kwabo, lo wesilisa uyikhethe ezinganeni eziningi indodakazi yakhe.
“Kuthiwa uvele wamkhetha kwezinye izingane wamgwaza, zona zikwazile ukubaleka lezi ezinye izingane. Angiyazi le nto ngingayichaza kanjani ngoba ngisadidekile futhi naye lo mlisa ngeke ngimkhombe,” kusho uMasuku.
Ngokusho kwabazali balo mlisa, bathe ubenakho ukuphazamiseka emqondweni kodwa engalimazi abantu.
Emuva kwalokho amalungu omphakathi kuthiwa abesehlaba umkhosi aqoqana ambamba amshaya kanzima maqede amokhela ngomlilo.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile lesi sigameko sokushona kwalaba abathathu.
UCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa avule amacala amane ahlukene kulandela lesi sigameko.
“Kuhlaselwe umfundi wagwazwa amanxeba amaningi waze washona.
“Kuphinde kwahlaselwa nowesilisa wagwazwa ngumsolwa ofanayo washonela lapho.
“Nowesifazane uhlaselwe umsolwa ofanayo wamgwaza kodwa wasinda waphuthunyiswa esibhedlela ukuyolashwa.
“Amalungu omphakathi ajahe umsolwa washaywa washiswa. Kuvulwe amacala amathathu okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala,” kusho uCaptain Gwala.